Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UmShumayeli 9:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, ngokuba oyedwa owonayo angachitha okuhle okuningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, kodwa isikhohlakali sisinye sibhubhisa okuhle okuningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, kepha isoni sinye sichitha izinto eziningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UmShumayeli 9:18
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Ububi bakho buqondene nomuntu onjengawe, nokulunga kwakho kuthintana nendodana yomuntu.


Izimpukane ezifileyo zenza amafutha omthaki ukuba anuke, abile; kanjalo ubuwula obuncane bulingana nokuhlakanipha nodumo.


Uma insimbi ibuthuntu, umuntu engaloli usiko, uyakhamelela ngamandla; kepha okusizayo ukuphumelelisa kungukuhlakanipha.


Ngase ngibona ukuthi ukuhlakanipha kudlula ubuwula njengalokhu ukukhanya kudlula ubumnyama.


ngokuba kusemthunzini wokuhlakanipha njengasemthunzini wemali, kepha inzuzo yokwazi ingeyokuba ukuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho.


Ukuhlakanipha kumenza ohlakaniphileyo ukuba abe namandla kunababusi abayishumi abasemzini.


Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kuhle kunamandla,” kepha ukuhlakanipha kompofu kuyadelelwa, namazwi akhe awezwakali.


NjengoJane noJambre bamelana noMose, kanjalo laba bamelana neqiniso, abantu abonakele ingqondo, abehluleka enkolweni.


U-Akani indodana kaZera akenzanga yini isiphambeko kukho okuqalekisiweyo, yonke inhlangano yakwa-Israyeli yehlelwa yintukuthelo na? Futhi akafanga yedwa lowo muntu ebubini bakhe.’ ”


Kepha abantwana bakwa-Israyeli beqa ngokuqalekisiweyo, lokhu u-Akani kaKarmi kaZabidi kaZera, owesizwe sakwaJuda, ethatha kukho okuqalekisiweyo; intukuthelo kaJehova yabavuthela abantwana bakwa-Israyeli.


Amadoda ase-Ayi abulala abantu abangamashumi amathathu nesithupha, abaxosha esuka phambi kwesango aze afika eShebarimi, ababulala emthambekeni; izinhliziyo zabantu zaphela amandla, zaba njengamanzi.


Kakhulu kangakanani, uma abantu bebedlile impela impango yezitha zabo abayifumanayo, ngokuba nga engabulawanga kakhulu amaFilisti na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ