Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UmShumayeli 9:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elibi nezinyoni ezibanjwa ogibeni, kanjalo amadodana abantu abekelwa isihibe ngesikhathi esibi, lapho siwehlela ngokuzumayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; kunjengezinhlanzi ezibanjwa enethini elinonya, nezinyoni ezibanjwa ogibeni; kanjalo nabantu babanjwa ogibeni olubi, oluyisikhathi esibafikela bengazelele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 futhi umusa awukho kwabahlakaniphileyo; kodwa isikhathi nethuba kubafica bonke. Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe: njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elibi nanjengezinyoni ezibanjwa ogibeni; kanjalo abantwana babantu bayathandeka ngesikhathi esesabekayo lapho sibafica ngokuzumayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UmShumayeli 9:12
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Unisa izihibe phezu kwababi; umlilo nesibabule nomoya oshisayo kuyisabelo sendebe yabo.


Ngokuba ingozi yabo iyakuvuka masinyane; ngubani owazi ukuchithwa kweminyaka yabo na?


Esiphambekweni somuntu omubi kukhona ugibe, kepha olungileyo uyenanela, athokoze.


Ngalokho ingozi yakhe iyakufika ngokuzumayo; ngokuphazima kweso uyakwaphulwa, kungabikho ukuphiliswa.


Ngokuba okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane, into inye ikwehlela kokubili: njengalokhu kufa lokho, kuyafa nalokhu; kunomphefumulo munye, umuntu akazidluli ngalutho izilwane, ngokuba konke kuyize.


Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi,


Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuthiye, futhi akakho obusa phezu kosuku lokufa; ukukhululwa akukho empini, nobubi abunakukhulula umninibo.


Ngabona futhi ukuhlakanipha ngale ndlela phansi kwelanga, kwaba kukhulu kimi:


Kuyakuthi obalekela umsindo wokwesaba awele emgodini; okhuphuka emgodini uyakubanjwa lugibe, ngokuba amafasitele aphezulu avuliwe, nezisekelo zomhlaba ziyazamazama.


ngalokho lobu bubi buyakuba njengokomfantu lapho sekuzakuwa, kuvokomele ogangeni oluphakemeyo, ukudilika kwalo kufike ngokuzumayo ngokuphazima kweso.


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Ngiyakweneka inetha lami phezu kwakho ngesixuku sabantu abaningi, bakukhuphule ngenetha lami.


Lapho sebehamba, ngiyabenekela inetha lami, ngibehlise njengezinyoni zezulu, ngibajezise njengokuzwakeleyo ebandleni labo.


umprofethi engumlindi ka-Efrayimi kanye noNkulunkulu wami, ugibe lomthiyi wezinyoni lukuzo zonke izindlela zakhe, nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.


“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Wena siwula, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na?’


Kepha yazini lokhu kokuthi, uma umninindlu ebesazi isikhathi isela elizakufika ngaso, ubengayikuvuma ukuba ifohlwe indlu yakhe.


ngokuba uthi: “Ngesikhathi esihle ngikuzwile, nangosuku lwensindiso ngakuhlangulisa;” bheka, manje kuyisikhathi esihle kakhulu; bheka, manje kulusuku lwensindiso; –


Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.


basanguluke, baphume ogibeni lukaSathane ababanjwe nguye ukuba benze intando yakhe.


nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


Kepha laba behlambalaza, benjengezidalwa ezingenangqondo, ngemvelo zizalelwe ukubanjwa nokubhujiswa, nabo bazakubhujiswa ekubhujisweni kwazo, behlambalaza abangakwaziyo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ