Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UmShumayeli 8:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 kodwa akuyikuba kuhle kwababi, nemihla yabo ayiyikwandiswa njengesithunzi, lokhu abesabi phambi kukaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Kodwa akuzukubahambela kahle ababi, izinsuku zabo zokuphila azizukweluleka njengethunzi, ngoba abahambi ngokwesaba phambi kukaNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kodwa kwababi akuyikuhamba kahle, futhi akayikwandisa izinsuku zakhe njengethunzi; ngoba akamesabi uNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UmShumayeli 8:13
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyavela njengembali, abune; ubaleka njengethunzi, angemi.


Yebo, nokukhanya komubi kuyakucimeka, nelangabi lomlilo wakhe aliyikukhanya.


ukuthi ukujabula kwababi kufushane, nokuthokoza kwabangenaNkulunkulu kungokokuphazima kweso nje, na?


bokuthi omubi ugodlelwa usuku lokubhujiswa nokuthi bayamukiswa ngosuku lwentukuthelo, na?


UJehova uyamhlola olungileyo; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.


Umuntu ufana nomoya; izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.


Ungazikhathazi ngababi, ungabi namhawu ngabenza okungalungile.


Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe; impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela*


Wena Nkulunkulu uyakubaphonsa egodini lokubhubhisa; abantu begazi nenkohliso abayikufinyelela nasenxenyeni yezinsuku zabo; kepha mina ngizakwethemba wena.


Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho, futhi akukho okungasuswa kukho. UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe.


Ngokuba lapho kukhona amaphupho amaningi, kukhona nokuyize namazwi amaningi, kepha wena yesaba uNkulunkulu.


Ngokuba ngubani okwaziyo okuhle okuyakuba ngokomuntu ekuhambeni kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe okuyize aziqedayo njengesithunzi na? Ngubani ongatshela umuntu okuyakuba semva kwakhe phansi kwelanga na?


Konke ngikubonile emihleni yami eyize: kukhona olungileyo obhubhile ekulungeni kwakhe, kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.


kuhle ukuba ubambelele kulokhu, yebo, ungabuyisi isandla sakho nakulokho, ngokuba owesaba uNkulunkulu uyakuphumelela kukho konke.


Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuthiye, futhi akakho obusa phezu kosuku lokufa; ukukhululwa akukho empini, nobubi abunakukhulula umninibo.


Maye komubi! Kuyakuba kubi kuye, ngokuba uyakubuyiselwa izenzo zezandla zakhe.


ngalokho lobu bubi buyakuba njengokomfantu lapho sekuzakuwa, kuvokomele ogangeni oluphakemeyo, ukudilika kwalo kufike ngokuzumayo ngokuphazima kweso.


“Akukho ukuthula kwababi,” usho uNkulunkulu wami.


“Kusukela lapho akusayikuba khona ingane yezinsuku nje nexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo, ngokuba omusha uyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala, isoni siqalekiswe sineminyaka eyikhulu.


Abazithobanga kuze kube namuhla, abesabanga, abahambanga ngomthetho wami nangezimiso zami engikubeke phambi kwenu naphambi kwawoyihlo.


Bese nibuya, nahlukanise abalungileyo nababi, abamkhonza uNkulunkulu nabangamkhonziyo.


abenze ukulunga baphumele ekuvukeni kokuphila, abenze okubi ekuvukeni kokulahlwa.


anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.


nangokufisa bayakuthengiselana ngani ngamazwi obuqili, abakulahlwa kwabo kwamandulo akulibali nokubhujiswa kwabo akozeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ