Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UmShumayeli 8:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Ngenxa yobubi obenziwa bungehlulelwa masinyane, izinhliziyo zabantu ngaphakathi zigcwele ukwenza okubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngoba ukwahlulelwa kwesenzo esibi kakufiki masinyane, ngakho inhliziyo yabantwana babantu igcwele ukwenza okubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UmShumayeli 8:11
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Waloba encwadini ukuthi: “Misani u-Uriya ngaphambili, lapho impi ishisa khona, nihlehle kuye ukuba ashaywe, afe.”


UNkulunkulu uyamnika ukuba alondeke, asekelwe; kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo.


Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe uthi: “Akanaki lutho; akakho uNkulunkulu,” injalo imicabango yakhe yonke.


Uthi enhliziyweni yakhe: “Angiyikuzanyazanyiswa; izizukulwane nezizukulwane angisoze ngehlelwa ngozi.”


Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, onomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokuthembeka.


UJehova wadlula phambi kwakhe, wamemeza wathi: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso,


Esebona uFaro ukuthi kuyiphefu, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.


UFaro wayenza lukhuni inhliziyo yakhe nangaleso sikhathi futhi, kabavumelanga abantu ukuba bahambe.


Kubi lokhu kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi bonke behlelwa yinto inye; ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu zigcwele ububi, nobuhlanya busezinhliziyweni zabo besekhona, andukuba baye kwabafileyo.


Uma omubi ephiwa umusa, akafundi ukulunga; ezweni lobuqotho uyakwenza ukonakala, angaboni ukuphakama kukaJehova.


“Washaywa luvalo ngobani, wamesaba, waze waqamba amanga, awangikhumbula, futhi ungakubekanga enhliziyweni yakho, na? Angithi njengokuba ngithulile kwasendulo, awungesabi, na?


yizwa manje izwi likaJehova wena nsali yakwaJuda; usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Uma nibhekisa nokubhekisa ubuso benu ukuya eGibithe, nihambe ukuba nigogobale khona,


“UMowabi ugciniwe kwasebusheni bakhe, uphumulile enhleseni yakhe, kathululwanga ezitsheni ngezitsha, akayanga ekuthunjweni; ngalokho ukuzwakala kwakhe kuhlala kuye, nephunga lakhe aliguquki.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ