Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UmShumayeli 5:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Yebo, zonke izinsuku zakhe zisebumnyameni nasosizini, nasekukhathazekeni okuningi, nasekuguleni, nasekuthukutheleni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Yebo, zonke izinsuku zakhe uzichithele ebumnyameni nasosizini, nasekukhathazekeni nasekuguleni nasolakeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Futhi zonke izinsuku zakhe udla ebumnyameni, futhi unosizi kanye nentukuthelo enkulu ngenxa yokugula kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UmShumayeli 5:17
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi ku-Adamu: “Njengokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo, ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho.


Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho, anginalo neqebelengwane, kukhona kuphela ukhweshe lwempuphu embizeni nengcosana yamafutha ophisweni; bheka, sengicakashile izinkuni ezimbili, ukuze ngingene ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sikudle, sife.”


U-Ahaziya wawa eheleni lekamelo lakhe eliphezulu laseSamariya, wagula, wathuma izithunywa, wathi kuzo: “Hambani nibuze kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni, uma ngiyakusinda kulokhu kugula kwami.”


Zathi kuye: “Kwakhuphuka umuntu ukuba asihlangabeze, wathi kithi: ‘Hambani, nibuyele enkosini enithumileyo, nithi kuyo: “Usho kanje uJehova, uthi: Kungokuba kungekho Nkulunkulu kwa-Israyeli ukuba uthume ukubuza kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni na? Ngalokho umbhede okhuphukele kuwo awuyikwehlika kuwo, kepha uyakufa nokufa.” ’ ”


Uchoko lukaNahamani luyakunamathela kuwe nasenzalweni yakho kuze kube phakade.” Wayesephuma yena ebusweni bakhe enochoko, emhlophe njengeqhwa.


Omunye ufa enomphefumulo onomunyu, engazange adle okuhle.


Ngokuba ngidlile umlotha njengesinkwa, nophuzo lwami ngiluxubanisile nezinyembezi.


Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.


“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje; impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.


Ngakho waqedela izinsuku zabo ezeni neminyaka yabo ovalweni.


Konke amehlo ami akufisayo angikugodlanga kuwo; angenqabelanga inhliziyo yami neyodwa intokozo, ngokuba inhliziyo yami yathokoza ngawo wonke umshikashika wami; lokho kwakuyisabelo sami kuwo wonke umshikashika wami.


Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe ulusizi; yebo, nasebusuku inhliziyo yakhe ayiphumuli; nalokho kuyize.


Akukho okuhle kumuntu kunalokhu kokuba adle, aphuze, abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe, kepha nalokho ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu.


Yenama ngosuku lwenhlanhla, kepha ngosuku olubi qonda ukuthi nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo, ukuze umuntu angafumani lutho oluyakuba khona emva kwakhe.


Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ