Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UmShumayeli 5:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Nalokho kungububi obudabukisayo ukuthi uyamuka kukho konke njengokufika kwakhe; unanzuzoni ukuthi ushikashikele umoya na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Nalokho kungububi obudabukisayo; wafika kanjalo, uzohamba kanjalo futhi, nzuzoni ayitholile ngokushikashikela umoya na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Futhi futhi kungububi obukhulu, ukuthi uzohamba ngazo zonke izindlela njengoba eze; unanzuzoni yena owashikashikela umoya na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UmShumayeli 5:16
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Okhathaza indlu yakhe uyakudla ifa lomoya, nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo.


Kuyinzuzoni kumuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga na?


Ngase ngibhekana nemisebenzi yonke ezaziyenzile izandla zami, nomshikashika engangishikashikile ukuwenza; bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya, akukho nzuzo phansi kwelanga.


Unanzuzoni osebenzayo ngalokho akushikashikayo na?


Kukhona ububi obudabukisayo engibubonile phansi kwelanga: ingcebo egcinelwe umniniyo ukuba imlimaze;


Sasikhulelwe, sasinobuhlungu, sabeletha kungathi umoya nje; asenzanga insindiso emhlabeni, nabayakwakha ezweni abasazalwa.


Abapristi abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova?’ Abaphethe umthetho babengazi, ababusi baphambuka kimi, abaprofethi baprofetha ngoBali, balandela okungenakusiza.


“Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; izele alinahlumela, alivezi impuphu; uma liyiveza, iyakuqedwa ngabafokazi.


Ngokuba kuyakumsizani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe, na?


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.”


ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bekhandleka.


yebo, ningaphambuki ukuba nilandele izinto eziyize ezingenakusiza nezingenakophula, ngokuba ziyize.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ