Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UmShumayeli 3:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Futhi ngabona phansi kwelanga ukuthi kukhona okubi endaweni yokwahlulela nokuthi kukhona ukushinga endaweni yokulunga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Phezu kwalokho ngabona ukuthi phansi komthunzi welanga, esikhundleni sobulungiswa, kunenkohlakalo; esikhundleni sobuqotho, kunobubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngabuye ngabona phansi kwelanga indawo yokwahlulela, ukuthi kukhona ububi; nendawo yokulunga kwakukhona ububi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UmShumayeli 3:16
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngase ngibuye ngabona konke ukucindezela okwenziwa phansi kwelanga; bheka izinyembezi zabacindezelwayo; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi.


Ngokuba lapho kukhona amaphupho amaningi, kukhona nokuyize namazwi amaningi, kepha wena yesaba uNkulunkulu.


Uma ubona ukudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni, ungamangali ngakho, ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo.


Ngabona konke lokho, ngabeka inhliziyo yami kuyo yonke imisebenzi eyenziwa phansi kwelanga ngesikhathi lapho umuntu ebusa omunye kube ngukulimala kwakhe.


Ukwahlulela kubuyiselwa emuva, nokulunga kumi kude, ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini, nobuqotho abunakungena.


Bafisa amasimu, bawadluzule, nezindlu, bazisuse; bacindezela indoda nendlu yayo, umuntu nefa lakhe.


Izandla zabo ziphezu kokubi ukukuthuthukisa; isikhulu sinesicelo, umahluleli ubheka umvuzo; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; bayakwalukanisa.


Izikhulu zawo phakathi kwawo ziyizingonyama ezibhongayo; abahluleli bawo bayizimpisi zokuhlwa; abashiyeli lutho ingomuso.


Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu, ukuze bambulale;


Khona uPawulu wathi kuye: “UNkulunkulu uzakukushaya wena ludonga olucakiweyo; uhlalele ukungahlulela ngokomthetho, kodwa ngokuphambene nomthetho uyala ukuba ngishaywe na?”


Kepha nina namdumaza ompofu. Abacebileyo abanicindezeli yini, abanihuduleli emacaleni na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ