Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UmShumayeli 2:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Yebo, ngazonda wonke umshikashika wami engangiwushikashika phansi kwelanga, lokhu ngabona ukuthi ngizakuwushiya kumuntu ofika emva kwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Ngawuzonda wonke umshikashika wami engawushikashika phansi komthunzi welanga, lapho ngibona ukuthi ngizowushiyela ozoza emuva kwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Yebo, ngawuzonda wonke umshikashika wami engawenza phansi kwelanga, ngokuba bengiyakuwushiyela kumuntu oyakuba emva kwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UmShumayeli 2:18
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

nakubantu ngesandla sakho, Jehova, abantu baleli zwe abasabelo sabo sikulokhu kuphila, nabasisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho, nabashiyela izingane zabo okusele kubo.


“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje; impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.


Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa nokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha, imfuyo yabo bayishiyele abanye.


Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.


Kuyinzuzoni kumuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga na?


Ngase ngibhekana nemisebenzi yonke ezaziyenzile izandla zami, nomshikashika engangishikashikile ukuwenza; bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya, akukho nzuzo phansi kwelanga.


Ngokuba kukhona umuntu omshikashika wakhe wenziwe ngokuhlakanipha, nangokwazi, nangekhono, kepha nokho uyakuwunikeza kumuntu ongawushikashikanga kube yisabelo sakhe. Nalokho kuyize nobubi obukhulu.


Ngokuba umuntu omuhle kuNkulunkulu uyamnika ukuhlakanipha, nokwazi, nentokozo, kepha isoni usinika usizi lokuba sibuthe, siqongelele, ukuze simnike yena omuhle kuNkulunkulu. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


Ngase ngibona-ke ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngemisebenzi yakhe, lokhu kuyisabelo sakhe, ngokuba ngubani ongambuyisa ukuba abone okuyakuba semva kwakhe na?


kepha badlulwa bobabili nguye ongakabikho, ongabonanga umsebenzi omubi owenziwa phansi kwelanga.


Bheka, engikubonile mina ukuthi kuhle futhi kumnandi kumuntu kungukudla, nokuphuza, nokubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngokuba lokhu kuyisabelo sakhe.


Thokoza ngokuphila nomkakho omthandayo zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize, oziphiwayo phansi kwelanga zonke izinsuku zakho eziyize, ngokuba lokhu kuyisabelo sakho kulokho kuphila ngomshikashika wakho owushikashikayo phansi kwelanga.


“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Wena siwula, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na?’


Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengenyanga yokwakha ehlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha akube yilowo nalowo aqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ