Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UmShumayeli 11:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi, nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo, kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Njengalokhu ungazi ukuthi umphefumulo ungena kanjani emathanjeni esibelethweni sowesifazane okhulelweyo, kanjalo kawuwazi umsebenzi kaNkulunkulu owenza izinto zonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Njengoba nje ungayazi indlela yomoya nokuthi akhula kanjani amathambo esibelethweni sokhulelweyo, kanjalo awuyazi imisebenzi kaNkulunkulu owenza zonke izinto.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UmShumayeli 11:5
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USomandla singemqonde; mkhulu ngamandla nangokwahlulela; ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.


Wawukuphi, lapho ngasekela umhlaba, na? Ngitshele, uma ukwazi ukuqonda.


yena owenza izinto ezinkulu ezingaphenyekiyo, izimangaliso ezingenakubalwa,


Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.


Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe; uma ngiyilanda, ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe.


Yeka ubukhulu bezenzo zakho, Jehova. Imicabango yakho ijulile kakhulu.


Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.


Umoya uya ngaseningizimu, uzungeze, uye ngasenyakatho; uzungazungeza njalo ekuhambeni kwawo, nasekuzungezeni kwawo umoya uyabuyela.


Oqaphela umoya akayikuhlwanyela; obheka amafu kayikuvuna.


Ngibonile umshikashika uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.


Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.


Okude nokujulile kakhulu, ngubani ongakufumana na?


ngase ngiqonda wonke umsebenzi kaNkulunkulu ukuthi umuntu akanakuwubamba umsebenzi owenziwa phansi kwelanga, ngokuba noma umuntu eshikashikeka kangakanani ukuwuhlola, angewuthole, yebo, nakuba ohlakaniphileyo ecabanga ukuthi uyawazi, akanakuwuthola.


Awazi yini? Awuzwanga na? UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade; udalile imikhawulo yomhlaba; akapheli amandla, akakhathali, nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.


Umoya uphephetha lapha uthanda khona; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona; banjalo bonke abazelwe nguMoya.”


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ