Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UmShumayeli 1:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kuyinzuzoni kumuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Uzuzani umuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashika phansi komthunzi welanga na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Umuntu unanzuzoni kuwo wonke umshikashika wakhe awenzayo phansi kwelanga na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UmShumayeli 1:3
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngase ngibhekana nemisebenzi yonke ezaziyenzile izandla zami, nomshikashika engangishikashikile ukuwenza; bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya, akukho nzuzo phansi kwelanga.


Yebo, ngazonda wonke umshikashika wami engangiwushikashika phansi kwelanga, lokhu ngabona ukuthi ngizakuwushiya kumuntu ofika emva kwami.


Ngubani owaziyo, uma eyakuba ngumuntu ohlakaniphileyo noma isiwula na? Nokho uyakubusa phezu kwawo wonke umshikashika wami engiwushikashikile nengihlakaniphele kuwo phansi kwelanga. Nalokho kuyize.


Ngokuba umuntu unanzuzoni yawo wonke umshikashika wakhe nokukhandleka kwenhliziyo yakhe akushikashikile phansi kwelanga na?


Unanzuzoni osebenzayo ngalokho akushikashikayo na?


kepha badlulwa bobabili nguye ongakabikho, ongabonanga umsebenzi omubi owenziwa phansi kwelanga.


Ngase ngibuye ngabona okunye okuyize phansi kwelanga:


Nalokho kungububi obudabukisayo ukuthi uyamuka kukho konke njengokufika kwakhe; unanzuzoni ukuthi ushikashikele umoya na?


Bheka, engikubonile mina ukuthi kuhle futhi kumnandi kumuntu kungukudla, nokuphuza, nokubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngokuba lokhu kuyisabelo sakhe.


Ngokuba ngubani okwaziyo okuhle okuyakuba ngokomuntu ekuhambeni kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe okuyize aziqedayo njengesithunzi na? Ngubani ongatshela umuntu okuyakuba semva kwakhe phansi kwelanga na?


Ukuhlakanipha kuhle njengefa, yebo, kunenzuzo kwabalibonayo ilanga,


Ngabona futhi ukuhlakanipha ngale ndlela phansi kwelanga, kwaba kukhulu kimi:


Kubi lokhu kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi bonke behlelwa yinto inye; ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu zigcwele ububi, nobuhlanya busezinhliziyweni zabo besekhona, andukuba baye kwabafileyo.


Uthando lwabo, nokuzonda kwabo, nomhawu wabo sekuphelile, futhi abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi kwelanga.


Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo yenu kukho okunganelisiyo, na? Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.


Bheka, akuveli kuJehova Sebawoti ukuthi abantu bakhandlekela umlilo, izizwe zizikhathaze ngokuyize, na?


“Sisizani isithombe esibaziweyo, lokhu umbumbi waso esibaza, nesithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga, lokhu umbumbi waso ethemba kuso, ukuze enze izithombe eziyizimungulu, na?


Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.”


ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bekhandleka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ