Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UMikha 6:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Uyakutshala, ungavuni kodwa; uyakunyathela iminqumo, ungazigcobi kodwa ngamafutha, nezithelo zomvini, ungaliphuzi nokho iwayini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 “Uyakutshala, kodwa ungavuni; uyakugxoba iminqumo, kepha ungazigcobi wena ngamafutha, ukhame izithelo zomvini, kodwa wena ungaliphuzi iwayini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Uzahlanyela, kodwa kawuyikuvuna; kumelwe unyathele iminqumo, kodwa akumelwe uzigcobe ngamafutha; newayini elimnandi, kepha ungaliphuzi iwayini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UMikha 6:15
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

mangihlwanyele, kudle omunye, yebo, zisishulwe izithelo zami.


Bahlwanyele ukolweni, bavuna ameva, bakhandlekile bengasizakalanga; yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zenu ngenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.”


nami ngiyakwenza lokhu kini; ngiyakunehlisela ingebhe nesifuba nomkhuhlane oyakuqeda amehlo, udangalise umphefumulo; niyakuhlwanyela ngeze imbewu yenu, ngokuba izitha zenu ziyakuyidla.


Amandla enu ayakuchithwa ngeze, ngokuba izwe lakini aliyikuthela ukudla kwalo, nemithi yezwe ayiyikuthela izithelo zayo.


Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziweyo aniyikuhlala kuzo, nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.


Noma umkhiwane ungakhahleli, kungabikho izithelo emvinini, umsebenzi womnqumo uphuthe, amasimu angavezi ukudla, izimvu zinqunywe esibayeni, kungabikho nkomo ezibayeni,


Ingcebo yabo iyakuba yimpango, nezindlu zabo incithakalo; bayakwakha izindlu, kepha abayikuhlala kuzo, batshale izivini, bangaliphuzi kodwa iwayini lazo.


Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha ananeliswa; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.”


Ngokuba kulokhu liqinisile izwi lokuthi: ‘Omunye uyahlwanyela, omunye avune.’


bamisa mayelana nabo, bachitha izithelo zomhlaba kwaze kwaba seGaza, abashiyanga kudla kwa-Israyeli, nazimvu, nazinkomo, nazimbongolo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ