Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UMikha 6:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova, nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Labo abacebileyo bakhona banobudlova obedlulele, nezakhamuzi zakhona zihubhuza amanga, nolimi lwenkohliso lusemlonyeni wazo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngokuba ingcebo yalo igcwele ubudlova, nabakhileyo kuyo bakhulume amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UMikha 6:12
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Jehova, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga nasolimini lwenkohliso.


Ngokuba abakhulumi ukuthula, kepha baqamba amazwi enkohliso ngabazithuleleyo emhlabeni.


Kepha bamthopha ngomlomo wabo, baqamba amanga kuye ngolimi lwabo;


Izikhulu zakho ziyizihlubuki nabangane bamasela; bonke bathanda izipho, balandela imivuzo; abahluleli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


Ngokuba iJerusalema likhubekile, noJuda uwile, lokhu izilimi zabo nezenzo zabo ziphambene noJehova ukucunula amehlo enkazimulo yakhe.


Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli, namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo; wabheka ukwahlulela, kepha bheka, ngukucindezela, yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala.


Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo, lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo kumakhelwane wabo, kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.


“Lapho bengiyakumphulukisa u-Israyeli, bambulelwa ububi buka-Efrayimi nokubi kweSamariya, ngokuba benza inkohliso, amasela ayafohla, nabaphangi baphanga ngaphandle.


Maye kubo, ngokuba bangibalekele! Makube ngukuchithwa kubo, ngokuba baphambukile kimi! Bengiyakubahlenga mina labo abakhulume amanga ngami na?


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova, abagcinanga izimiso zakhe, namanga abo abadukisile, abawalandelayo nawoyise.


Balele emibhedeni yophondo lwendlovu, bacambalala ezinkukhweni zabo; badla amawundlu omhlambi namathole avela phakathi kwesibaya.


Ngalolo suku ngiyakuhambela bonke abeqa umbundu, begcwalisa indlu yamakhosi abo ngobudlova nangenkohliso.


Izikhulu zawo phakathi kwawo ziyizingonyama ezibhongayo; abahluleli bawo bayizimpisi zokuhlwa; abashiyeli lutho ingomuso.


Umphimbo wabo uyiliba elivulekileyo, ngezilimi zabo bayakhohlisa, isihlungu sezinyoka siphansi kwezindebe zabo;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ