Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UMikha 4:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Suka ubhule, ndodakazi yaseSiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze insimbi; uyakuchoboza abantu abaningi,” kwahlukaniselwe uJehova inzuzo yabo, nemfuyo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Sukuma ubhule, ndodakazi yaseZiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze zibe yithusi; uyakuqothisisa izizwe eziningi.” Uyakwethula inzuzo yazo nomcebo wazo kuSimakade, iNkosi yomhlaba wonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Vuka wome, ndodakazi yaseSiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi nezinzipho zakho zibe yithusi; uyakuchoboza izizwe eziningi; ngiyakungcwelisa inzuzo yabo kuJehova nempahla yabo kuJehova womhlaba wonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UMikha 4:13
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo.


Ngenxa yethempeli lakho eJerusalema amakhosi ayakukulethela izipho.


Amakhosi aseTharishishi naweseziqhingini ayakuletha izipho; amakhosi aseSheba naseSeba ayakwethula izipho.


Ngaleso sikhathi kuyakulethwa isipho kuJehova Sebawoti yibo abantu abadephileyo nabakhazimulayo, sivela kubantu abesabekayo lapha nasekudeni, isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo, esilizwe laso lidatshulwe yimifula, endaweni yegama likaJehova Sebawoti, intaba yaseSiyoni.


Wena ongokubhuliweyo kwami kwesibuya sami, engikuzwileyo kuJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, khona ngiyanazisa.


Intengo yalo nenzuzo yalo iyakuba ngcwele kuJehova; ayiyikunqwabelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyakuba ngeyabahlala phambi kukaJehova, ukuze badle basuthe, babe nezingubo ezinhle.


bona abamicibisholo yabo ibukhali, nayo yonke iminsalo yabo insaliwe; izinyawo zamahhashi abo ziyakubalwa njengensengetsha, namasondo abo njengesivunguvungu.


“Uyizembe lami nezikhali zokulwa; ngiyaphahlaza izizwe ngawe, ngawe ngiyachitha imibuso,


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Indodakazi yaseBabele injengesibuya ngesikhathi sokunyathelwa kwaso; kuse yisikhashana, sizakufika kuyo isikhathi sokuvuna.”


“Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


U-Efrayimi uyisithole esifundisiweyo, esithanda ukubhula amabele; kepha mina ngiyekile intamo yaso enhle; sengiyakumbophela u-Efrayimi, uJuda alime, uJakobe azidubele.


Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwabantu abaningi njengamazolo avela kuJehova, ngengezihlambi otshanini ezingahlaleli muntu, zingahlaleli abantwana babantu.


Udabula umhlaba ngokuthukuthela, ubhula izizwe ngolaka.


Kuyakuthi ngalolo suku ngenze iJerusalema libe yitshe elisindayo kuzo zonke izizwe; zonke ezizithwesa lona ziyakusikwa nokusikwa; zonke izizwe zomhlaba ziyakulihlanganyela.


“Ngalolo suku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe ngumcengezi womlilo phakathi kwemithi nobhaqa lomlilo phakathi kwezithungu; bayakuqeda bonke abantu nxazonke ngakwesokunene nangakwesokhohlo, iJerusalema libe lisahlala endaweni yalo eJerusalema.


Yayisithi: “Lawa angabagcotshiweyo ababili abemi ngaseNkosini yomhlaba wonke.”


Ingelosi yaphendula, yathi kimi: “Lana ayimimoya yomine yezulu ephuma ekumeni phambi kweNkosi yomhlaba wonke.


Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika, kungabi yikhathi kwenziwa umnikelo.


Imigoqo yakho iyakuba ngeyensimbi neyethusi, nanjengezinsuku zakho oba njalo amandla akho.


Kepha lonke isiliva, negolide, nezitsha zethusi nezensimbi kungcwele kuJehova; kuyakungena endlini yengcebo kaJehova.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ