Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UMikha 1:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Dlulani nina enakhileyo eShafiri ngobunqunu nangehlazo; abakhe eSawanani abaphumi; ukukhala kwaseBeti Eseli akunivumeli ukuhlala khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Dlulani nqunu ninehlazo nina enihlala eShafiri. Nina enakhe eZanani ngeke niphume, isililo eBhethi Ezeli siyakunithathela lokho enithembele kukho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Hamba, wena owakhileyo eSafiri, nehlazo lakho uhamba ze; uyakwamukela udumo lwakhe kini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UMikha 1:11
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuyakuthi njengezinyoni ezizulazulayo, njengamaphuphu ahlakazekileyo, abe njalo amadodakazi akwaMowabi emazibukweni ase-Arinoni.


kanjalo inkosi yase-Asiriya iyakumukisa abathunjwa baseGibithe nabaxoshiweyo baseKushe, abasha nabadala, behamba ze, bengafakile nazicathulo, izinqe zabo zihlubuliwe, kube yihlazo laseGibithe.


Uma uthi enhliziyweni yakho: Ngehlelelweni yilezi zinto na? Ngobukhulu bokona kwakho imiphetho yakho iphakanyisiwe, nezithende zakho ziyadlovulwa.


Balekani, nisindise ukuphila kwenu, nibe njengesihlahla esiyize ehlane.


Nikani uMowabi amaphiko, ngokuba uyakundiza, aphume; imizi yakhe iyakuba yincithakalo, kungabikho osahlala kuyo.


ngalokho bheka, ngiyakubutha zonke izithandwa zakho ozenamisile nazo, nazo zonke ozithandileyo, nazo zonke ozizondileyo, ngizibuthe ngakuwe zivela nxazonke, ngizambulele ubunqunu bakho ukuba zibone bonke ubunqunu bakho.


bakuphathe ngenzondo, basuse yonke inzuzo yakho, bakushiye uze, unqunu, kwambulwe ubunqunu bobufebe bakho, kanye nokungcola kwakho nobufebe bakho.


Ngenxa yalokho ngiyakukhala, ngihhewule, ngihambe ngihlutshuliwe, ngihamba ze; ngenze isililo njengamakhanka, ngikhale njengezintshe.


“Bheka, ngimelene nawe,” usho uJehova Sebawoti; “ngiyakuphakamisa imiphetho yakho ebusweni bakho, ngibonise izizwe ubunqunu bakho, nemibuso ihlazo lakho.


Niyakubalekela esigodini sezintaba zami, ngokuba isigodi sezintaba siyakufinyelela e-Aseli, yebo, niyakubaleka njengalokho nabalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika-Uziya inkosi yakwaJuda; lapho kuzakufika uJehova uNkulunkulu wami nabo bonke abangcwele kanye nawe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ