Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UMalaki 2:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Umthetho weqiniso wawusemlonyeni wakhe, nobubi babungatholwa ezindebeni zakhe; wahamba nami ngokuthula nangobuqotho, wabuyisa abaningi ebubini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Imfundiso yeqiniso yayisemlonyeni wakhe, okungalungile akutholakalanga ezindebeni zakhe. Wahamba nami ngokuthula nangobuqotho, wasusa abaningi esonweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Umthetho weqiniso wawusemlonyeni wakhe, nobubi akufunyanwanga emlonyeni wakhe; wahamba nami ngokuthula nangokulunga, waphenduka kakhulu ebubini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UMalaki 2:6
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.


Lokhu kuyizizukulwane zikaNowa. UNowa wayeyindoda eqotho, engenacala esizukulwaneni sakhe; uNowa wayehamba noNkulunkulu.


Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso.


Wena Jehova useduze; imiyalo yakho yonke iyiqiniso.


Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha; ulimi lwakhe lukhuluma ukulunga.


Mbhekisise ongasolekiyo, umbone oqotho; ngokuba umuntu wokuthula, ukugcina kwakhe kuhle.


ukuba ugcine amasu, nezindebe zakho zilonde ukwazi.


Uma bebemi emkhandlwini wami, nga bezwisile abantu bami amazwi ami, bababuyise endleleni yabo embi, nasebubini bezenzo zabo.


Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka, nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.


Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena, ungabi ngumpristi wami; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.


Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


Beza bathi kuye: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile nokuthi awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu, kodwa indlela kaNkulunkulu uyifundisa ngeqiniso. Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha? Sithele nokuba singatheli na?”


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


Bambuza-ke bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma, ufundisa ngokuqondileyo, awukhethi buso bamuntu, kepha ufundisa indlela kaNkulunkulu ngokuqinisileyo.


ukuvula amehlo abo ukuba basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, ukuze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.’


Bafundisa uJakobe izahlulelo zakho, no-Israyeli umthetho wakho; babeka impepho phambi kwamakhala akho, nomnikelo oshiswa wonke e-altare lakho.


NgoLevi wathi: “AmaThumimi nama-Urimi* akho akuye othembekileyo wakho, owamvivinya eMasa, owaphikisana naye ngasemanzini aseMeriba,


owathi ngoyise nangonina: ‘Angibabonanga,’ angabavuma futhi abafowabo, angabazi abantwana bakhe, ngokuba baliqaphele izwi lakho, bagcina isivumelwano sakho.


nasemlonyeni wabo akufunyaniswanga amanga; kabanasici.


Amadodana ka-Eli ayengabantu ababi; ayengamazi uJehova.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ