Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 9:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 U-Aroni waphakamisela izandla zakhe kubantu, wababusisa; wayesehla ekunikeleni ngomnikelo wesono nangomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 U-Aroni waphakamisela izandla zakhe phezu kwabantu, wababusisa; wayesehla lapho ayekade enikela khona ngomnikelo wesono, nangomnikelo wokushiswa, nangeminikelo yokuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 U-Aroni waphakamisela isandla sakhe kubantu wababusisa, wehla emnikelweni wesono nomnikelo wokushiswa nomnikelo wokubonga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 9:22
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa.


abapristi, amadodana kaLevi, bayakusondela, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ubakhethile ukuba bamkhonze, babusise egameni likaJehova; ngezwi labo konke ukuxabana nokushaya kuyakunqunywa;


ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.


Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.


UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukunibusisa ngokuniguqula, kube yilowo nalowo kini ebubini bakhe.”


Wabagona, wababusisa ebeka izandla phezu kwabo.


Igama layo liyakuma kuze kube phakade; igama layo liyakuxhanta, lisekhona ilanga; bayakuzibusisa ngayo; bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe.


Inkosi yayisiphenduka, yalibusisa lonke ibandla lakwa-Israyeli, lonke ibandla lakwa-Israyeli lalimi.


Amadodana ka-Amramu: ngo-Aroni noMose; u-Aroni wahlukaniswa ukuba angcwelise izinto ezingcwelengcwele, yena namadodana akhe, kuze kube phakade, ukushisa impepho phambi kukaJehova, nokumkhonza, nokubusisa egameni lakhe kuze kube phakade.


Wema, wabusisa lonke ibandla lakwa-Israyeli ngezwi elikhulu, wathi:


Ngaleso sikhathi uJehova wahlukanisa isizwe sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaJehova, sime phambi kukaJehova ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.


UMose wabona wonke umsebenzi; bheka, babewenzile; njengalokho uJehova eyalile, bawenza kanjalo; uMose wababusisa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ