Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 8:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UMose wenza njengalokho uJehova emyalile; inhlangano yabuthelwa ngasemnyango wetende lokuhlangana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 UMose wenza njengalokhu uSimakade emyalile; waqoqela inhlangano ngasemnyango wethende lokuhlangana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UMose wenza njengalokho uJehova emyalile; inhlangano yabuthana ngasemnyango wetende lokuhlangana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 8:4
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu benza izambatho ezenziwe kahle zokukhonza endaweni engcwele; bamenzela u-Aroni izambatho ezingcwele, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Base bebopha isihlangu sesifuba ngamasongo aso emasongweni engubo yamahlombe ngentambo eluhlaza ukuba sibe phezu kwebhande* elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, ukuze isihlangu sesifuba singakhumuki engutsheni yamahlombe, njengalokho uJehova emyalile uMose.


isikhencezo nepomegranati, isikhencezo nepomegranati emiphethweni yejazi nxazonke, ukuba kukhonzwe ngalo, njengalokho uJehova emyalile uMose.


nebhande* lelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo nelokuluhlaza nelokububende nelokubomvu, umsebenzi womfeketshisi, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Ibhande* elalukiwe kahle elalikuyo ukuyibhinca lalikunye nayo, lifana nokusetshenzwa kwayo, lalingelegolide, lingokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Wawabeka ezizibeni zengubo yamahlombe, abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.


UMose wayeseletha amadodana ka-Aroni, wawembathisa amabhantshi, wawabhincisa amabhande,* wawafaka izigqoko, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Kepha inkunzi nesikhumba sayo, nenyama yayo, nomswani wayo, wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu,* njengalokho uJehova emyalile uMose.


UMose wathatha isifuba, wasizulisa saba ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; sasiyisabelo sikaMose sasenqameni yokwahlukaniselwa, njengalokho uJehova emyalile uMose.


ubuthele inhlangano yonke ngasemnyango wetende lokuhlangana.”


Ngasemnyango wetende lokuhlangana niyakuhlala imini nobusuku izinsuku eziyisikhombisa, nisigcine isiyalezo sikaJehova, ukuze ningafi, ngokuba ngiyaliwe kanjalo.”


UMose wayesethi kuyo inhlangano: “Nansi into uJehova ayale ngayo ukuba yenziwe.”


Wafaka isigqoko ekhanda lakhe, nasesigqokweni ngaphambili wafaka ungcwecwe wegolide, umqhele ongcwele, njengalokho uJehova emyalile uMose.


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Ngokuba mina ngakwamukela eNkosini lokho, nenganinika khona, ukuthi: INkosi uJesu, ngalobo busuku akhashelwa ngabo wathabatha isinkwa,


Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo,


“Konke enginiyala ngakho, anoqaphela ukuba nikwenze; awuyikuthasisela kukho, futhi ungakunciphisi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ