Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 8:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Wathi uMose ku-Aroni nakumadodana akhe: “Phekani inyama ngasemnyango wetende lokuhlangana, niyidle kanye nesinkwa esiseqomeni lokwahlukaniselwa, njengalokho ngayala ngathi: ‘U-Aroni namadodana akhe bayakukudla.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

31 UMose wathi ku-Aroni namadodana akhe: “Phekani inyama ngasemnyango wethende lokuhlangana, niyidle lapho nesinkwa esiseqomeni lokwahlukaniselwa, njengalokhu ngayala ngathi: ‘U-Aroni namadodana akhe bayokukudla.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 UMose wayesethi ku-Aroni nakumadodana akhe: “Phekani inyama ngasemnyango wetende lokuhlangana, niyidle khona nesinkwa esiseqomeni lokwahlukaniselwa, njengalokho ngayala ngokuthi: ‘U-Aroni namadodana akhe bayakuyidla. It.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 8:31
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.


Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.”


UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma.


Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, olipha izwe ukuphila.”


“Anidlanga ngani umnikelo wesono endaweni yendlu engcwele, njengokuba ungcwelengcwele, futhi niphiwe wona ukuba nisuse ububi benhlangano, niyenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, na?


Inyama yomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula ongowokubonga iyakudliwa ngosuku lokunikela kwakhe, angashiyi lutho lwayo kuze kuse.


Kepha isitsha sebumba okuphekelwe kuso masaphulwe, kodwa uma kuphekelwa esitsheni sethusi, siyakuphucuzwa, sihashazwe ngamanzi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ