Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 8:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 UMose wayesethatha amafutha okugcoba, negazi elalise-altare, wafafaza ngalo u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe, wangcwelisa u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

30 UMose wathatha amafutha okugcoba, negazi elalise-althare, wafafaza ngalo u-Aroni nezembatho zakhe, namadodana akhe ayenawo lapho nezembatho zawo, wamngcwelisa u-Aroni nezembatho zakhe, namadodana akhe nezembatho zawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 UMose wathatha amafutha okugcoba negazi elalise-altare, wafafaza ngalo u-Aroni nasezingutsheni zakhe, naphezu kwamadodana akhe, nasezingutsheni zamadodana akhe kanye naye; wangcwelisa u-Aroni nezingubo zakhe namadodana akhe nezambatho zamadodana akhe kanye naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 8:30
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umenzele u-Aroni umfowenu izambatho ezingcwele, ezobukhosi nezokuhlobisa.


Wothabatha igazi elise-altare namafutha okugcoba, ufafaze ngakho u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe nezambatho zamadodana akhe, abe ngcwele yena nezambatho zakhe, namadodana akhe nezambatho zamadodana akhe.


“Wobagcoba u-Aroni namadodana akhe, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.


UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo,


ngenze ukuba abalilayo eSiyoni baphiwe amaqhele esikhundleni somlotha, amafutha enjabulo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo, ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga nokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho uJehova akukhuluma, ethi: “ ‘Kubo abaseduze nami ngiyakungcweliswa, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


Leso siyisabelo sika-Aroni nesabelo samadodana akhe seminikelo yomlilo kaJehova mhla ebaletha ukuba bamkhonze uJehova esikhundleni sobupristi,


ayala ngakho uJehova ukuba bakuphiwe ngabantwana bakwa-Israyeli mhla ebagcoba, kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zabo.


Wathela amafutha okugcoba ekhanda lika-Aroni, wamgcoba ukuba angcweliswe.


Yilawo angamagama amadodana ka-Aroni, abapristi abagcotshiweyo, abahlukaniselwa ukukhonza esikhundleni sobupristi.


Ngokuba ongcwelisayo nabangcweliswayo bonke baphuma kumunye; ngakho-ke akananhloni ukubabiza ngokuthi: Ngabafowethu,


bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kinina umusa nokuthula.


Nina-ke, ukugcoba enakwamukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba nobani anifundise; kodwa lokhu ukugcoba kwakhe okunifundisa khona ngakho konke kuyiqiniso, akusiwo amanga, nanjengokuba kunifundisile, hlalani kuye.


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwe owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ