Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 8:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Wayihlaba; uMose wathatha igazi layo, walibheca esicutshini sendlebe yokunene ka-Aroni, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 UMose wayihlaba, wathatha ingxenye yegazi layo walibheca endlebeni ka-Aroni yesokunene, nasesithupheni sesandla sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lwesokunene.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Wayihlaba; uMose wathatha igazi layo, walibheca esicutshini sokunene sendlebe ka-Aroni yokunene, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 8:23
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Woyihlaba inqama, uthabathe igazi layo, ulibhece esicutshini sendlebe yokunene ka-Aroni, nasesicutshini sendlebe yokunene yamadodana akhe, nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene, ufafaze i-altare nxazonke ngegazi.


Wothabatha igazi elise-altare namafutha okugcoba, ufafaze ngakho u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe nezambatho zamadodana akhe, abe ngcwele yena nezambatho zakhe, namadodana akhe nezambatho zamadodana akhe.


Umpristi wothabatha igazi kuwo umnikelo wecala, umpristi alibhece esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene,


Amafutha aseleyo asesandleni sakhe umpristi uyakuwabheca esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene, phezu kwegazi lomnikelo wecala.


ahlabe imvu yomnikelo wecala, umpristi athabathe kulo igazi lomnikelo wecala, alibhece esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene;


umpristi athabathe kuwo amafutha asesandleni sakhe, awabhece esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene, endaweni yegazi lomnikelo wecala;


Lowo ungumthetho weminikelo yokushiswa, noweminikelo yempuphu, noweminikelo yesono, noweminikelo yecala, nowokwahlukaniselwa, nowomhlatshelo weminikelo yokuthula,


Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda;


futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga,


Ngikhulumisa okomuntu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu. Ngokuba njengalokho nanikela izitho zenu zibe yizinceku zamanyala nezokungalungi kwaba ngukungalungi, kanjalo nikelani manje izitho zenu zibe yizinceku zokulunga kube ngukungcweliswa.


kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababiziweyo abangcwele, kanye nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu ezindaweni zonke, eyabo neyethu:


Kepha ngaye nikuJesu Kristu owenzelwe thina ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu nokulunga kanye nokungcweliswa nokuhlengwa,


Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.


njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo, kepha ngesibindi sonke, njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami, nokuba kungokuphila nokuba kungokufa.


Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke;


Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe nokukhona konke ngaye, ukuba, lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko yena oyinkosi yokusindiswa kwabo.


Noma eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ