Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 8:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Waletha nenye inqama, inqama yokwahlukaniselwa; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 Waletha nenqama yesibili, inqama yokubabeka; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Waletha nenye inqama, inqama yokwahlukaniselwa; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 8:22
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lowo ungumthetho weminikelo yokushiswa, noweminikelo yempuphu, noweminikelo yesono, noweminikelo yecala, nowokwahlukaniselwa, nowomhlatshelo weminikelo yokuthula,


“Thabatha u-Aroni namadodana akhe kanye naye, nezambatho, namafutha okugcoba, nenkunzi yomnikelo wesono, nezinqama zombili, neqoma lezinkwa ezingenamvubelo,


UMose wathatha isifuba, wasizulisa saba ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; sasiyisabelo sikaMose sasenqameni yokwahlukaniselwa, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo ukuba bangcweliswe nabo ngeqiniso.


Kepha ngaye nikuJesu Kristu owenzelwe thina ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu nokulunga kanye nokungcweliswa nokuhlengwa,


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo


ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla, nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele lingenacala.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ