Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 7:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Anonika umpristi umlenze wokunene, ube ngumnikelo wokuphakanyiswa emihlatshelweni yeminikelo yenu yokuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

32 Umlenze wesokunene emhlatshelweni wokuthula, niyowunika umphristi; ube umnikelo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Kumelwe ninike umpristi umlenze wesokunene njengomnikelo wokuphakanyiswa ezihlalweni zeminikelo yenu yokuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 7:32
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Uyakusingcwelisa isifuba somnikelo wokuzuliswa nomlenze womnikelo wokuphakanyiswa, ozuliswayo nophakanyiswayo, okwenqama yokwahlukaniselwa, okuka-Aroni nokwamadodana akhe;


Isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa niyakukudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe, ngokuba kuphiwe kube yimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantwana bakwa-Israyeli.


Lowo phakathi kwamadodana ka-Aroni onikela ngegazi leminikelo yokuthula nangamanoni koba ngowakhe umlenze wokunene, ube yisabelo sakhe.


Ngokuba isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa ngikuthabathe kwabakwa-Israyeli emihlatshelweni yeminikelo yabo yokuthula, ngakunika u-Aroni umpristi namadodana akhe, kube yisimiso esiphakade kwabakwa-Israyeli.’ ”


izifuba nomlenze wokunene wakuzulisa, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova, njengalokho uMose eyalile.


Yonke iminikelo yokuphakanyiswa yezinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngayo kumpristi iyakuba ngeyakhe.


umpristi akuzulise, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; lokhu kungcwele kumpristi kanye nesifuba sokuzuliswa nethanga lokuphakanyiswa; emva kwalokho umNaziri angaphuza iwayini.


“Lokhu kuyakuba yimfanelo yabapristi ephuma kubantu abanikela ngomhlatshelo, noma inkomo noma imvu, ukuba bamnike umpristi umkhono, nemihlathi yombili, nenanzi.


Umpheki waphakamisa umlenze nokwakuphezu kwawo, wawubeka phambi kukaSawule. USamuweli wathi: “Nakhu ohlinzekwe ngakho. Kubeke phambi kwakho, udle, ngokuba kugcinelwe wena kuze kufike lesi sikhathi, njengalokho ngithe ngimemile abantu.” USawule wayesedla noSamuweli ngalolo suku.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ