Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 7:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 izandla zakhe uqobo zilethe iminikelo yomlilo kaJehova, alethe amanoni kanye nesifuba ukuba isifuba sizuliswe, sibe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

30 Uyakuwuletha ngezandla zakhe umnikelo wokushiswa kaSimakade. Uyoletha amanoni nesifuba ukuze isifuba sizungeziswe, sibe ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Izandla zakhe uqobo ziyakuletha umnikelo womlilo kaJehova, amanoni kanye nesifuba, alethe lokhu ukuba isifuba sinyakaziswe njengomnikelo wokushiswa phambi kukaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 7:30
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho; ebuhleni bobungcwele abasha bakho bavela njengamazolo esizalweni sokusa.


Isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa niyakukudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe, ngokuba kuphiwe kube yimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantwana bakwa-Israyeli.


Mabalethe umlenze wokuphakanyiswa nesifuba sokuzuliswa kanye neminikelo yomlilo yamanoni ukuba bakuzulise, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova, kube ngokwakho nokwamadodana akho kanye nawe, kube yimfanelo ephakade, njengalokho uJehova eyalile.”


Abesethabatha kuyo, anikele ngomnikelo wakhe ube ngumnikelo womlilo kuJehova, amanoni asibekela izibilini nawo onke amanoni aphezu kwezibilini,


Wothabatha kuwo umhlatshelo weminikelo yokuthula, anikele ngomnikelo womlilo kuJehova amanoni awo, nomsila wonke ononileyo, awunqume eduze nomhlandla, namanoni asibekela izibilini, nawo onke amanoni aphezu kwezibilini,


wakubeka konke ezandleni zika-Aroni, nasezandleni zamadodana akhe, wakuzulisa kwaba ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.


UMose wathatha isifuba, wasizulisa saba ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; sasiyisabelo sikaMose sasenqameni yokwahlukaniselwa, njengalokho uJehova emyalile uMose.


abeka amanoni phezu kwezifuba; wawashisa amanoni e-altare;


izifuba nomlenze wokunene wakuzulisa, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova, njengalokho uMose eyalile.


umpristi akuzulise, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; lokhu kungcwele kumpristi kanye nesifuba sokuzuliswa nethanga lokuphakanyiswa; emva kwalokho umNaziri angaphuza iwayini.


u-Aroni azulise amaLevi phambi kukaJehova abe ngumnikelo wokuzuliswa ovela kubantwana bakwa-Israyeli, aze asebenze umsebenzi kaJehova.


Akakho ongangamuka ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami; nginamandla okukudela, nginamandla okubuye ngikuthabathe. Lo myalo ngiwamukele kuBaba.”


Ngokuba uma uthando lukhona, kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.


“Lokhu kuyakuba yimfanelo yabapristi ephuma kubantu abanikela ngomhlatshelo, noma inkomo noma imvu, ukuba bamnike umpristi umkhono, nemihlathi yombili, nenanzi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ