Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 7:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Ngokuba yilowo nalowo odla amanoni enkomo okunikelwa ngayo ibe ngumnikelo womlilo kuJehova, lowo muntu owadlayo uyakunqunywa kubantu bakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

25 Ngokuba oyokudla amanoni enkomo enikelwa kuSimakade ibe ngumnikelo womlilo, lowo owudlayo uyakudingiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Ngoba loba ngubani odla amahwahwa esilwane anikela kuso umnikelo womlilo eNkosini, umphefumulo owadlayo uzabhujiswa usuke ebantwini bakibo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 7:25
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Owesilisa ongasokiwe, engasokwanga enyameni yejwabu lakhe, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba waphulile isivumelwano sami.”


Ubuye ukuthabathe ezandleni zabo, ukushise e-altare phezu komnikelo wokushiswa, kube yiphunga elimnandi phambi kukaJehova: kungumnikelo womlilo kuJehova.


“ ‘Kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke zokuba ningadli amanoni nagazi.’ ”


Kodwa umuntu oyidla inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova esenakho ukungcola kwakhe, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.


Nanxa umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu noma isilwane esingcolileyo noma into engcolileyo enengekayo, adle inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”


Amanoni engcuba namanoni okudweshuliweyo angasebenza yonke eminye imisebenzi; kepha ningawadli nempela.


Ningadli naliphi igazi, noma ngelenyoni noma ngelenkomo, nakuyiphi yezindlu zenu.


Yilowo nalowo odla igazi lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ