Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 7:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Amanoni engcuba namanoni okudweshuliweyo angasebenza yonke eminye imisebenzi; kepha ningawadli nempela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Amanoni engcuba nawokudweshulwe yisilwane sasendle angasetshenziselwa yonke eminye imisebenzi, kodwa aniyukuwadla nhlobo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Amanoni esilwane esifa ngokwaso, namanoni esilwane esidweshuliwe, angasetshenziselwa noma iyiphi enye injongo, kodwa aniyikuwadla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 7:24
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyakwenze njalo nangezinkomo zakho nangezimvu zakho: liyakuhlala kunina izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili wonginika lona.


“Niyakuba ngabantu abangcwele kimi; ngalokho aniyikudla nyama yesilwane esidweshulwe endle, kepha anoyiphonsa ezinjeni.


Ngase ngithi: “O Nkosi Jehova, bheka, umphefumulo wami awuzange ungcoliswe, ngokuba kusukela ebusheni bami kuze kube manje angidlanga okuzifeleyo nokudweshuliweyo, nenyama enengekayo ayingenanga emlonyeni wami.”


Abapristi abayikudla okuzifeleyo nokudweshuliweyo, noma ezinyonini noma ezinkomeni.


“ ‘Yilowo nalowo odla ingcuba noma lokho okudweshulwe yizilo, noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi, makahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe; khona uyakuhlambuluka.


Ingcuba nokudweshulwe yizilo akayikukudla ukuzingcolisa ngakho; nginguJehova.


Ngokuba yilowo nalowo odla amanoni enkomo okunikelwa ngayo ibe ngumnikelo womlilo kuJehova, lowo muntu owadlayo uyakunqunywa kubantu bakubo.


“Aniyikudla lutho lwengcuba; ungamnika umfokazi ophakathi kwamasango akho ukuba akudle, noma uthengise ngakho kowezizwe, ngokuba wena uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ