Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 7:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Nanxa umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu noma isilwane esingcolileyo noma into engcolileyo enengekayo, adle inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 Uma umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu, noma isilwane esingcolileyo, noma into engcolileyo, enengekayo, bese edla inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula kaSimakade, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Umphefumulo othinta noma yini engcolile, ukungcola komuntu, noma yisiphi isilwane esingcolile noma into enengekayo eyisinengiso, bese edla inyama yomnikelo wokubonga engekaJehova, lowo mphefumulo uyakunqunywa esandleni sakhe abantu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 7:21
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Owesilisa ongasokiwe, engasokwanga enyameni yejwabu lakhe, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba waphulile isivumelwano sami.”


Izinsuku eziyisikhombisa niyakudla isinkwa esingenamvubelo; yebo, ngosuku lokuqala noyikhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba bonke abadla okuvutshelweyo, kusukela osukwini lokuqala kuze kufike usuku lwesikhombisa, labo bantu bayakunqunywa kwa-Israyeli.


Izinsuku eziyisikhombisa akuyikutholakala mvubelo ezindlini zenu, ngokuba yilowo nalowo odlayo okuvutshelweyo yena uyakunqunywa ebandleni lakwa-Israyeli, noma engumfokazi noma engowokuzalwa ezweni.


Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nidla okunegazi, niphakamisa amehlo enu ezithombeni zenu, nichitha igazi. Pho, niyakudla ifa lezwe na?


Ngase ngithi: “O Nkosi Jehova, bheka, umphefumulo wami awuzange ungcoliswe, ngokuba kusukela ebusheni bami kuze kube manje angidlanga okuzifeleyo nokudweshuliweyo, nenyama enengekayo ayingenanga emlonyeni wami.”


“ ‘Nezilwanyana zonke ezinamaphiko, ezihamba ngezinyawo zozine, ziyisinengiso kini.


“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyakumisa ubuso bami bumelane nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kubantu bakubo.


Ngokuba umphefumulo wenyama yonke, igazi layo lihlangene nomphefumulo wayo; ngalokho ngathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Maningadli igazi lenyama noma iyiphi, ngokuba umphefumulo wenyama yonke uyigazi layo; yilowo nalowo oyidlayo uyakunqunywa.”


“ ‘Ngokuba bonke abenza lezo zinengiso, yebo, abazenzayo bayakunqunywa kubantu bakubo.


yilowo nalowo owudlayo uyakuthwala ububi bakhe, ngokuba udumazile okungcwele kukaNkulunkulu; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba unikela ngenzalo yakhe kuMoloki ukungcolisa indlu yami engcwele nokuhlambalaza igama lami elingcwele.


“Yisho kubo ukuthi: ‘Yilowo nalowo wenzalo yenu yonke ezizukulwaneni zenu osondela ezintweni ezingcwele abantwana bakwa-Israyeli abazingcwelisela uJehova, esengcolile, lowo muntu uyakunqunywa, angabikho phambi kwami; nginguJehova.


“ ‘Yilowo nalowo wenzalo ka-Aroni onochoko noma ocucuzayo akayikudla izinto ezingcwele aze ahlambuluke. Nalowo othinta okungcolile ngabafileyo, noma umuntu oshaywa yizibuko,


Ngokuba yilowo nalowo muntu ongathotshiswa ngalolo suku uyakunqunywa kubantu bakubo.


Kodwa umuntu oyidla inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova esenakho ukungcola kwakhe, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.


Ngokuba yilowo nalowo odla amanoni enkomo okunikelwa ngayo ibe ngumnikelo womlilo kuJehova, lowo muntu owadlayo uyakunqunywa kubantu bakubo.


Yilowo nalowo odla igazi lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”


Lokhu umuntu ongcolileyo akuthintayo kuyakuba ngokungcolile; umuntu okuthintayo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.’ ”


zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe ningezidle; zingcolile kini.


Kodwa uSawule akakhulumanga lutho ngalolo suku, ngokuba wacabanga ukuthi: “Okuthile kumehlele; akahlambulukile, impela akahlambulukile.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ