Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 7:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Endaweni abahlabela kuyo umnikelo wokushiswa, bayakuwuhlabela khona umnikelo wecala, kufafazwe i-altare nxazonke ngegazi lawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Umnikelo wecala uyakuhlatshelwa lapho kuhlatshelwa khona umnikelo wokushiswa, igazi lawo lifafazwe nxazonke ze-althare.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Endaweni lapho behlabela khona umnikelo wokutshiswa, bazahlabela khona umnikelo wecala; igazi lawo afafaze i-altare nxazonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 7:2
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo, ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona, nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.


Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


Emphemeni wesango kwakukhona amatafula amabili ngalapha namatafula amabili ngalapha ukuba kuhlatshelwe kuwo umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono nomnikelo wecala.


Alihlabe ngasohlangothini lwe-altare olungasenyakatho phambi kukaJehova; amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze i-altare ngegazi lalo nxazonke.


“ ‘Uma umnikelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wemihlambi, uyakunikela ngeduna elingenasici, anikele ngalo ngasemnyango wetende lokuhlangana, aze amukeleke kuJehova.


Wolihlaba iduna phambi kukaJehova, amadodana ka-Aroni, abapristi, alethe igazi, afafaze ngegazi nxazonke ze-altare elingasemnyango wetende lokuhlangana.


uyakuhlaba imvu yeduna endaweni lapho kuhlatshwa khona umnikelo wesono nomnikelo wokushiswa, indawo engcwele, ngokuba umnikelo wecala ungowompristi njengomnikelo wesono; ungcwelengcwele.


Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe, awuhlabe ngasemnyango wetende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze i-altare nxazonke ngegazi.


abeke isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe, awuhlabe ngaphambi kwetende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni afafaze i-altare nxazonke ngegazi lawo.


Iyakubeka isandla sayo enhloko yembuzi, iyihlabele endaweni lapho behlabela khona iminikelo yokushiswa phambi kukaJehova; kungumnikelo wesono.


Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wesono, awuhlabe umnikelo wesono endaweni yomnikelo wokushiswa.


Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wesono, awuhlabe, ube ngumnikelo wesono endaweni lapho behlabela khona umnikelo wokushiswa.


akhokhele lokho one ngakho entweni engcwele, athasisele kukho okwesihlanu, akunike umpristi, umpristi amenzele ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala, aze athethelelwe.


“ ‘Uma amandla akhe enganeli imvu, makalethe kuJehova ngesono one ngaso amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa,


afafaze uhlangothi lwe-altare ngegazi lomnikelo wesono, igazi eliseleyo likhanyelwe ngasesinqeni se-altare; kungumnikelo wesono.


“Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe, uthi: ‘Nanku umthetho weminikelo yesono; endaweni ohlatshelwe kuyo umnikelo wokushiswa, mawuhlatshelwe khona umnikelo wesono phambi kukaJehova; ungcwelengcwele.


umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, aze athethelelwe konke angahle abe ekwenzile anecala ngakho.”


Uyakwahlukanisela kuJehova izinsuku zobuNaziri bakhe, alethe imvu yeduna enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wecala; kepha izinsuku zakuqala ziyakuba yize, ngokuba ubuNaziri bakhe bungcolisiwe.


Ngokukholwa wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angathinti amazibulo abo.


nakuJesu, umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.


bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kinina umusa nokuthula.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ