Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 7:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “ ‘Uma enikela ngawo ube ngumnikelo wokubonga, uyakunikela kanye nomhlatshelo wokubonga ngamaqebelengwane angenamvubelo exovwe namafutha, nemiqathane engenamvubelo, egcotshwe ngamafutha, namaqebelengwane empuphu ecolekileyo axovwe namafutha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 “ ‘Uma enikela ngawo ube ngumnikelo wokubonga, uyakuwunikela uhambisana nomnikelo wokubonga wamaqebelengwane angenamvubelo axutshwe namafutha, namakhekheba angenamvubelo agcotshwe ngamafutha, namaqebelengwane empuphu ecolisekileyo exutshwe namafutha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Uma eletha umnikelo wokubonga, makathose amaqebelengwane angenamvubelo ahlanganiswe namafutha, namaqebelengwane angenamvubelo agcotshwe ngamafutha, namaqebelengwane axutywe namafutha, nempuphu ecolekileyo, kanye nomnikelo wokubonga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 7:12
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethatha uHezekiya, wathi: “Senizahlukanisele uJehova; sondelani, nilethe imihlatshelo neminikelo yokubonga endlini kaJehova.” Ibandla laletha imihlatshelo neminikelo yokubonga, nabo bonke abaqhutshwa yinhliziyo evumayo baletha iminikelo yokushiswa.


Wakha i-altare likaJehova, wanikela phezu kwalo ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula neyokubonga, washo kuJuda ukuba bamkhonze uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo suku, bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozisile ngentokozo enkulu; nabesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema.


Mababonge uJehova ngomusa wakhe nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.


Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga, ngibize igama likaJehova.


Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa; oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”


izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, izwi labathi: “ ‘ “Bongani uJehova Sebawoti, ngokuba uJehova muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade,” “ ‘nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe njengakuqala,’ usho uJehova.


Thabathani amazwi, nibuyele kuJehova, nithi kuye: “Susa konke okubi, wamukele okuhle, sinikele ngemilomo yethu njengangezinkunzi.


“ ‘Nxa uletha umnikelo wempuphu ephekwe eziko, woba ngamaqebelengwane angenamvubelo empuphu ecolekileyo exovwe namafutha, noma imiqathane engenamvubelo, egcotshwe ngamafutha.


Uma umnikelo wakho ungumnikelo wempuphu ephekwe ngomqengele, woba ngowempuphu ecolekileyo engenamvubelo, exovwe ngamafutha.


“Nxa nihlabela uJehova umhlatshelo wokubonga, niyakumhlabela ukuba namukeleke.


Okuseleyo kuwo kuyakudliwa ngu-Aroni namadodana akhe, kudliwe ngaphandle kwemvubelo endaweni engcwele, bakudlele egcekeni letende lokuhlangana.


Inyama yomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula ongowokubonga iyakudliwa ngosuku lokunikela kwakhe, angashiyi lutho lwayo kuze kuse.


nishise umnikelo wokubonga ngokuvutshelweyo, nimemezele iminikelo yesihle, niyizwakalise, ngokuba nithanda kanjalo, bantwana bakwa-Israyeli,” isho iNkosi uJehova.


neqoma lesinkwa esingenamvubelo, amaqebelengwane empuphu ecolekileyo exovwe namafutha, nemiqathane engenamvubelo, egcotshwe ngamafutha, nomnikelo wempuphu nowokuphuzwa walokho.


yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga; yayingumSamariya.


Abafunyaniswanga yini ababuyela ukumnika uNkulunkulu udumo, kuphela lona wezizwe na?”


ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga, kabambonganga njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekuzindleni kwabo; inhliziyo yabo engaqondiyo yaba mnyama.


nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu,


Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.


nakhiwe njengamatshe aphilileyo, nibe yindlu yokomoya, ubupristi obungcwele, ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngaye uJesu Kristu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ