Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 6:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Abesekhumula izambatho zakhe, embathe ezinye izambatho, akhiphele umlotha ngaphandle kwekamu* endaweni ehlambulukileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Uyokhumula izembatho zakhe, agqoke ezinye bese ekhiphela umlotha ngaphandle kwenkambu, endaweni ehlambulukileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kumelwe akhumule izingubo zakhe agqoke ezinye izingubo, akhiphele umlotha ngaphandle kwekamu endaweni ehlanzekile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 6:11
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izinsuku eziyisikhombisa wolenzela i-altare ukubuyisana, ulingcwelise, i-altare libe ngcwele kakhulu, nabo bonke abalithintayo bayakuba ngabangcwele.


Lapho bephumela egcekeni elingaphandle, igceke elingaphandle labantu, bayakukhumula izambatho zabo abakhonza ngazo, bazibeke emakamelweni angcwele, bembathe ezinye izingubo, funa bangcwelise abantu ngezambatho zabo.


Inkunzi yomnikelo wesono nempongo yomnikelo wesono, elangeniswa igazi lazo ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele, ziyakukhishelwa ngaphandle kwekamu,* kushiswe ngomlilo izikhumba zazo nenyama yazo nomswani wazo.


Ziyakuba ngezika-Aroni nezamadodana akhe, bazidlele endaweni engcwele, ngokuba zingcwelengcwele, zingezakhe phakathi kweminikelo yomlilo kaJehova ngesimiso esiphakade.”


yebo, yonke inkunzi uyakuyikhiphela ngaphandle kwekamu,* ayiyise endaweni ehlambulukileyo lapho uthululwa khona umlotha.


Uyakuyikhiphela inkunzi ngaphandle kwekamu,* ayishise, njengalokho wayishisa inkunzi yokuqala: lokhu kungumnikelo wesono webandla.


Umpristi uyakwembatha isambatho selineni, afake nebhulukwe lakhe lelineni emzimbeni wakhe, asuse umlotha womlilo oshise umnikelo wokushiswa e-altare, awuthele ngaseceleni kwe-altare.


Umlilo ophezu kwe-altare uyakuhlala kulo uvutha njalo, ungacimi; umpristi uyakubasa izinkuni kulo ekuseni njalo, ahlele kulo umnikelo wokushiswa, ashise kulo amanoni eminikelo yokuthula.


“Nanku umnikelo ka-Aroni nowamadodana akhe abayakunikela ngawo kuJehova mhla begcotshwa: okweshumi kwe-efa* lempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu njalonjalo, inxenye yakho ekuseni nenxenye yakho kusihlwa.


Umpristi ogcotshiweyo esikhundleni sakhe phakathi kwamadodana akhe wonikela ngawo, kube yisimiso esiphakade; woshiswa wonke.


Bonke abesilisa phakathi kwabapristi bayakuwudla, udliwe endaweni engcwele; ungcwelengcwele.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ