Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 6:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Umpristi uyakwembatha isambatho selineni, afake nebhulukwe lakhe lelineni emzimbeni wakhe, asuse umlotha womlilo oshise umnikelo wokushiswa e-altare, awuthele ngaseceleni kwe-altare.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 Umphristi uyokwembatha isembatho sakhe selineni elimhlophe, agqoke ngaphansi ibhulukwe lakhe lelineni, bese esusa umlotha womlilo oshise umnikelo wokushiswa e-althare, awuthele eceleni kwalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Umpristi kumelwe agqoke ingubo yakhe yelineni futhi kumelwe agqoke ibhulukwe lakhe lelineni phezu kwenyama yakhe, asuse umlotha oshiswe ngumlilo kanye nomnikelo wokushiswa e-altare, awubeke eceleni kwe-altare.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 6:10
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Makakhumbule yonke iminikelo yakho yokudliwa, awamukele umnikelo wakho wokushiswa. Sela*


Ngokuba ababi bayakubhubha; izitha zikaJehova zinjengobuhle bamadlelo: ziyakunyamalala, zinyamalale njengentuthu.


Lapho bephumela egcekeni elingaphandle, igceke elingaphandle labantu, bayakukhumula izambatho zabo abakhonza ngazo, bazibeke emakamelweni angcwele, bembathe ezinye izingubo, funa bangcwelise abantu ngezambatho zabo.


ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi anikele ngakho konke, akushise e-altare kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi akushise konke e-altare, kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


embathe ibhantshi elingcwele lelineni, abe nebhulukwe lelineni emzimbeni wakhe, abhince ibhande* lelineni, afake isigqoko selineni; lezi ziyizambatho ezingcwele; uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi, azembathe.


“ ‘Awuyikwenziwa ngemvubelo umnikelo wempuphu eninikela ngawo kuJehova, ngokuba aniyikushisa imvubelo nazinyosi kube ngumnikelo womlilo kuJehova.


Uyakudla isinkwa sikaNkulunkulu wakhe, esingcwelengcwele nesingcwele.


yebo, yonke inkunzi uyakuyikhiphela ngaphandle kwekamu,* ayiyise endaweni ehlambulukileyo lapho uthululwa khona umlotha.


Abesekhumula izambatho zakhe, embathe ezinye izambatho, akhiphele umlotha ngaphandle kwekamu* endaweni ehlambulukileyo.


Bonke abesilisa phakathi kwabantwana baka-Aroni bayakukudla kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu seminikelo yomlilo kaJehova; konke okukuthintayo kuyakuba ngcwele.’ ”


Umpristi ogcotshiweyo esikhundleni sakhe phakathi kwamadodana akhe wonikela ngawo, kube yisimiso esiphakade; woshiswa wonke.


“Thabatha u-Aroni namadodana akhe kanye naye, nezambatho, namafutha okugcoba, nenkunzi yomnikelo wesono, nezinqama zombili, neqoma lezinkwa ezingenamvubelo,


“Zahlukaniseni nale nhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso.”


Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho.


Izimpi zasezulwini zamlandela zikhwele amahhashi amhlophe, zembethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo.


wanikwa ukuba embathe ilineni elicolekileyo nelikhazimulayo nelihlanzekileyo,” ngokuba ilineni elicolekileyo liyizenzo ezilungileyo zabangcwele.


Elinye lamalunga lase liphendula, lithi kimi: “Laba abembethe izingubo ezimhlophe bangobani, bavelaphi, na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ