ULevitikusi 5:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE6 uyakuletha umnikelo wecala lakhe kuJehova ngesono sakhe one ngaso, insikazi yasezimvini, imvu noma imbuzi, kube ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 20206 alethe umnikelo kuSimakade, ube yinhlawulo yesono asenzileyo, insikazi emhlanjini wakhe wezimvu noma wezimbuzi, ibe wumnikelo wesono; umphristi uyomenzela ukubuyisana ngesono sakhe. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20246 Kumelwe alethe umnikelo wawo wecala kuJehova ngenxa yesono sakhe one ngaso, imvukazi yasemhlambini, noma iwundlu noma izinyane lembuzi, ibe ngumnikelo wesono; futhi umpristi kumelwe awenzele isihlawulelo ngesono sawo. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Wayesethi kimi: “Amakamelo asenyakatho namakamelo aseningizimu aphambi kwendawo eyahlukanisiweyo mawabe ngamakamelo angcwele, lapho abapristi abaseduze noJehova beyakudla khona okungcwelengcwele, babeke khona okungcwelengcwele, nomnikelo wempuphu, nomnikelo wesono, nomnikelo wecala, ngokuba indawo ingcwele.