Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 5:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Uyakulungisa elesibili libe ngumnikelo wokushiswa njengokwesimiso, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, aze athethelelwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 Ngelesibili uyokwenza umnikelo wokushiswa njengokwesimiso, umphristi amenzele ukubuyisana, owonile athethelelwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Futhi kumelwe alungise okwesibili njengomnikelo wokushiswa njengomthetho; umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, athethelelwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 5:10
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Makenze njalo ngenkunzi; njengalokho wenza ngenkunzi yomnikelo wesono, makenze njalo nangalena. Umpristi abenzele ukubuyisana, baze bathethelelwe.


Onke amanoni awo uyakuwashisa e-altare njengamanoni omhlatshelo weminikelo yokuthula, umpristi ayenzele ukubuyisana ngesono sayo, ize ithethelelwe.


Onke amanoni awo uyakuwasusa, njengalokhu amanoni esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula, umpristi awashise e-altare abe yiphunga elimnandi kuJehova, umpristi amenzele ukubuyisana, aze athethelelwe.


Onke amanoni awo uyakuwasusa, njengalokhu amanoni emvu esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula, umpristi awashise e-altare phezu kweminikelo yomlilo kaJehova, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, aze athethelelwe.


Umpristi uyakumenzela ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, nakuyiphi yalezi zinto, aze athethelelwe; okuseleyo kube ngokompristi njengomnikelo wempuphu.’ ”


akhokhele lokho one ngakho entweni engcwele, athasisele kukho okwesihlanu, akunike umpristi, umpristi amenzele ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala, aze athethelelwe.


uyakuletha umnikelo wecala lakhe kuJehova ngesono sakhe one ngaso, insikazi yasezimvini, imvu noma imbuzi, kube ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe.


kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga futhi ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukelisiwe ngaye ukubuyisana.


nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.


Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona.


yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ