Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 4:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 umpristi agcobhoze umunwe wakhe egazini, afafaze ngegazi kasikhombisa phambi kukaJehova, ngaphambi kwesihenqo sendlu engcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Umphristi uyogcobhoza umunwe wakhe egazini, achinse ingxenye yalo kasikhombisa phambi kukaSimakade phambi kwesihenqo sendlu engcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Umpristi agcobhoze umunwe wakhe egazini, afafaze ngegazi kasikhombisa phambi kukaJehova, phambi kwesihenqo sendlu engcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 4:6
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wangenisa umphongolo etabernakele, wamisa isihenqo seveli, wahenqela umphongolo wobufakazi, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Walibeka i-altare legolide etendeni lokuhlangana ngaphambi kwesihenqo.


umpristi agcobhoze umunwe wakhe wokunene emafutheni asesandleni sakhe sokhohlo, afafaze ngamafutha phambi kukaJehova kasikhombisa ngomunwe wakhe.


Amafutha aseleyo asesandleni sompristi uyakuwafaka ekhanda loyakuhlanjululwa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova.


umpristi afafaze ngamafutha asesandleni sakhe sokhohlo kasikhombisa phambi kukaJehova ngomunwe wakhe wokunene;


amfafaze kasikhombisa oyakuhlanjululwa ochokweni lwakhe, asho athi uhlambulukile, ayiyeke inyoni ezwayo, iphumele endle.


athabathe kulo igazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa ngasempumalanga ngomunwe wakhe, nangaphambi kwesihlalo somusa afafaze ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe.


Uyakulifafaza ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe, alihlambulule, alingcwelise ekungcoleni kwabantwana bakwa-Israyeli.


“ ‘Uyakuzibalela amasabatha ayisikhombisa eminyaka, iminyaka eyisikhombisa iphindwe kasikhombisa, kube kuwe izinsuku zamasabatha ayisikhombisa eminyaka, kube yiminyaka engamashumi amane nesishiyagalolunye.


“ ‘Kepha uma ningangilaleli nangalezo zinto, ngiyakubuye nginishaye kasikhombisa ngezono zenu.


nami ngiyakuhamba ngiphambene nani, nginishaye, yebo, mina, kasikhombisa ngezono zenu.


nami ngiyakuhamba ngiphambene nani ngokufutheka, ngikushaye kasikhombisa ngezono zakho.


Umpristi uyakugcobhoza umunwe wakhe egazini, afafaze ngalo kasikhombisa phambi kukaJehova phambi kwesihenqo.


Umpristi wothabatha igazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa, igazi lawo alithulule ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa.


Umpristi wothabatha igazi lawo ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa, lonke elinye igazi lawo alithulule ngasesinqeni se-altare.


Umpristi wothabatha igazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa, lonke elinye igazi lawo alithulule ngasesinqeni se-altare.


Wafafaza ngawo i-altare kasikhombisa, waligcoba i-altare kanye nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe.


Wayeseyihlaba; uMose wathatha igazi, walibheca ezimpondweni ze-altare nxazonke ngomunwe wakhe, waliphothula i-altare, walithulula igazi ngasesinqeni se-altare, walingcwelisa ukuba alenzele ukubuyisana.


Amadodana ka-Aroni aletha igazi kuye; wagcobhoza umunwe egazini, walibheca ezimpondweni ze-altare, wathulula elinye igazi ngasesinqeni se-altare;


u-Eleyazare umpristi uyakuthabatha igazi laso ngomunwe wakhe, afafaze kasikhombisa ngaphambi kwetende lokuhlangana ngegazi laso,


Abapristi abayisikhombisa bayakuthwala amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi komphongolo; ngosuku lwesikhombisa niyakuwuzungeza umuzi kasikhombisa, abapristi babethe amacilongo.


Kwathi lapho uJoshuwa esekhulumile kubantu, abapristi abayisikhombisa bethwele amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi kukaJehova badlula, babetha amacilongo, umphongolo wesivumelwano sikaJehova wabalandela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ