Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 4:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Umpristi wothabatha igazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa, lonke elinye igazi lawo alithulule ngasesinqeni se-altare.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

34 Umphristi uyothatha ingxenye yegazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni ze-althare lomnikelo wokushiswa, kuthi lonke eliseleyo alithululele ngasesinqeni se-althare.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Umpristi kumelwe athathe igazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa, lonke igazi lalo alithulule ngasesinqeni se-altare.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 4:34
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwaba kuhle kuJehova ngenxa yokulunga kwakhe ukuba akhulise umthetho, awudumise.


Uyakulibheca igazi ezimpondweni ze-altare eliphambi kukaJehova, elisetendeni lokuhlangana, athulule lonke elinye igazi ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa elingasemnyango wetende lokuhlangana.


Umpristi wothabatha igazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa, igazi lawo alithulule ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa.


Umpristi wothabatha igazi lawo ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa, lonke elinye igazi lawo alithulule ngasesinqeni se-altare.


Umpristi abhece igazi ezimpondweni ze-altare lempepho ethaphukayo phambi kukaJehova elisetendeni lokuhlangana; lonke elinye igazi lenkunzi wolithulula ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa elingasemnyango wetende lokuhlangana.


Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo ukuba bangcweliswe nabo ngeqiniso.


Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.


Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu.


Ngokuba lokho okwehlula umthetho, ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni,


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe nokukhona konke ngaye, ukuba, lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko yena oyinkosi yokusindiswa kwabo.


yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo;


Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ