Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 4:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Onke amanoni awo uyakuwasusa, njengalokhu amanoni esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula, umpristi awashise e-altare abe yiphunga elimnandi kuJehova, umpristi amenzele ukubuyisana, aze athethelelwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

31 Uyowasusa wonke amanoni ayo ngendlela okususwe ngayo amanoni emnikelweni wokuthula, umphristi ayishise kube nentuthu e-althare, kube yiphunga elimnandi kuSimakade, umphristi amenzele ukubuyisana, athethelelwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Kumelwe asuse wonke amanoni awo njengoba nje amanoni esuswa emnikelweni wokubonga; umpristi awushise e-altare, ube yiphunga elimnandi kuJehova; umpristi amenzele ukubuyisana, aze athethelelwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 4:31
39 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova wezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile.


ukuba banikele ngemihlatshelo yephunga elimnandi kuNkulunkulu wezulu, bakhulekele ukuphila kwenkosi namadodana ayo.


Ngalokho zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye encekwini yami uJobe, nizinikelele ngazo zibe ngumnikelo wokushiswa; uJobe inceku yami uyakunikhulekela, ngokuba uma ngivuma ubuso bakhe, angiyikwenza kini njengobuwula benu, lokhu ningakhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.”


Woyishisa yonke inqama e-altare; kungumnikelo wokushiswa kuJehova, yiphunga elimnandi, ngumnikelo womlilo kuJehova.


Kwaba kuhle kuJehova ngenxa yokulunga kwakhe ukuba akhulise umthetho, awudumise.


Nokho uJehova wathanda ukuyishaya ngezifo; lapho wenza umphefumulo wayo ube ngumnikelo wecala, iyakubona inzalo yayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaJehova iyakuphumelela esandleni sayo.


ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi anikele ngakho konke, akushise e-altare kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


awuqaqe ngamaphiko awo, angawudabuli kodwa; umpristi awushise e-altare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, ube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi akushise konke e-altare, kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


Amafutha aseleyo asesandleni sompristi uyakuwafaka ekhanda loyakuhlanjululwa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova.


umpristi anikele ngawo, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova ngenxa yokucucuza kwakhe.


Umpristi uyakumenzela ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala phambi kukaJehova ngesono sakhe one ngaso, athethelelwe isono sakhe one ngaso.


awulethe kumadodana ka-Aroni, abapristi, acaphune kuwo ngokhweshe wempuphu ecolekileyo yawo nowamafutha awo, kanye nayo yonke inhlaka yawo, umpristi awushise ube yisikhumbuzo sawo e-altare, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova;


Umpristi makathabathe okuyisikhumbuzo kuwo umnikelo wempuphu, akushise e-altare kube ngumnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi kuJehova.


Abesethabatha kuyo onke amanoni, awashise e-altare.


Onke amanoni awo uyakuwashisa e-altare njengamanoni omhlatshelo weminikelo yokuthula, umpristi ayenzele ukubuyisana ngesono sayo, ize ithethelelwe.


Onke amanoni awo uyakuwasusa, njengalokhu amanoni emvu esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula, umpristi awashise e-altare phezu kweminikelo yomlilo kaJehova, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, aze athethelelwe.


Uyakulungisa elesibili libe ngumnikelo wokushiswa njengokwesimiso, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, aze athethelelwe.


uyakuletha umnikelo wecala lakhe kuJehova ngesono sakhe one ngaso, insikazi yasezimvini, imvu noma imbuzi, kube ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe.


Wahlanza izibilini namanqina ngamanzi; uMose washisa yonke inqama e-altare; yayingumnikelo wokushiswa, waba yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Umpristi uyakuyenzela yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana, baze bathethelelwe, ngokuba kwakungengamabomu, futhi balethile umnikelo wabo, umnikelo womlilo kuJehova, nomnikelo wabo wesono phambi kukaJehova ngesiphosiso sabo;


Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”


nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.


Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,


kepha yena, esenikele ngomhlatshelo waba munye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu,


Ngokuba ngomnikelo munye uphelelise njalonjalo labo abangcwelisiweyo.


wangena kanye kuphela endaweni engcwele, kungengegazi lezimbuzi nelamathole kepha ngegazi lakhe, ezuzile ukukhululwa okuphakade.


kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ