Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 4:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Onke amanoni awo uyakuwashisa e-altare njengamanoni omhlatshelo weminikelo yokuthula, umpristi ayenzele ukubuyisana ngesono sayo, ize ithethelelwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 Wonke amanoni aso uyowashisa kube nentuthu e-althare njengamanoni omhlatshelo wokuthula, umphristi amenzele ukubuyisana, athethelelwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kumelwe athungele wonke amanoni awo emlilweni e-altare njengamanoni omnikelo wokubonga; umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe, aze uthethelelwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 4:26
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

abapristi bazihlaba, benza umnikelo wesono ngegazi lazo e-altare ukuba benzele u-Israyeli wonke ukubuyisana, ngokuba inkosi yayaleza ukuba umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono ube ngoka-Israyeli wonke.


“Ngosuku lwesibili uyakunikela ngempongo engenasici, ibe ngumnikelo wesono; bayakuhlambulula i-altare njengokulihlambulula ngenkunzi.


Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa; uyakwamukelwa ngenxa yakhe, umenzele ukubuyisana.


“ ‘Uma amandla akhe enganeli imvu, khona uyakuthatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye libe ngumnikelo wokushiswa, elinye libe ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana, aze ahlambuluke.’ ”


Amafutha aseleyo asesandleni sompristi uyakuwafaka ekhanda loyakuhlanjululwa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova.


umpristi anikele ngawo, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova ngenxa yokucucuza kwakhe.


Ngokuba umphefumulo womzimba usegazini; ngimnike lona e-altare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana, lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo.


Umpristi uyakumenzela ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala phambi kukaJehova ngesono sakhe one ngaso, athethelelwe isono sakhe one ngaso.


Amadodana ka-Aroni ayakukushisa e-altare phezu komnikelo wokushiswa ophezu kwezinkuni ezisemlilweni, kube ngumnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi kuJehova.


Abesethabatha kuyo onke amanoni, awashise e-altare.


Makenze njalo ngenkunzi; njengalokho wenza ngenkunzi yomnikelo wesono, makenze njalo nangalena. Umpristi abenzele ukubuyisana, baze bathethelelwe.


Onke amanoni awo uyakuwasusa, njengalokhu amanoni esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula, umpristi awashise e-altare abe yiphunga elimnandi kuJehova, umpristi amenzele ukubuyisana, aze athethelelwe.


Onke amanoni awo uyakuwasusa, njengalokhu amanoni emvu esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula, umpristi awashise e-altare phezu kweminikelo yomlilo kaJehova, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, aze athethelelwe.


Uyakulungisa elesibili libe ngumnikelo wokushiswa njengokwesimiso, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, aze athethelelwe.


Umpristi uyakumenzela ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, nakuyiphi yalezi zinto, aze athethelelwe; okuseleyo kube ngokompristi njengomnikelo wempuphu.’ ”


akhokhele lokho one ngakho entweni engcwele, athasisele kukho okwesihlanu, akunike umpristi, umpristi amenzele ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala, aze athethelelwe.


Woletha kumpristi inqama engenasici yasemhlambini njengokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala, umpristi amenzele ukubuyisana ngesiphosiso aphosise ngaso engazi, aze athethelelwe.


umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, aze athethelelwe konke angahle abe ekwenzile anecala ngakho.”


Umpristi uyakuyenzela yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana, baze bathethelelwe, ngokuba kwakungengamabomu, futhi balethile umnikelo wabo, umnikelo womlilo kuJehova, nomnikelo wabo wesono phambi kukaJehova ngesiphosiso sabo;


Umpristi uyakwenzela umuntu ophosisayo ukubuyisana, nxa ona kungengamabomu phambi kukaJehova ukumenzela ukubuyisana, athethelelwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ