Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 4:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Umpristi wothabatha igazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa, igazi lawo alithulule ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

25 Umphristi uyakuthatha ingxenye yegazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe alibhece ezimpondweni ze-althare lomnikelo wokushiswa, kuthi ingxenye yegazi eseleyo ayithululele ngasesinqeni se-althare lomnikelo wokushiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Umpristi kumelwe athathe igazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa futhi igazi lalo alithulule ngezansi e-altare lomnikelo wokushiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 4:25
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uthabathe igazi lenkunzi, ulibhece ezimpondweni ze-altare ngomunwe wakho, uthulule lonke igazi phansi ngase-altare.


Anazi yini? Anizwa yini? Anitshelwanga yini kwasekuqaleni, aniqondanga kwasekusekelweni komhlaba, na?


Uyakuphuma, aye e-altare eliphambi kukaJehova, alenzele ukubuyisana, athabathe kulo igazi lenkunzi nakulo igazi lempongo, alibhece ezimpondweni ze-altare nxazonke.


Ngokuba umphefumulo womzimba usegazini; ngimnike lona e-altare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana, lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo.


Uyakulibheca igazi ezimpondweni ze-altare eliphambi kukaJehova, elisetendeni lokuhlangana, athulule lonke elinye igazi ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa elingasemnyango wetende lokuhlangana.


Iyakubeka isandla sayo enhloko yembuzi, iyihlabele endaweni lapho behlabela khona iminikelo yokushiswa phambi kukaJehova; kungumnikelo wesono.


Umpristi wothabatha igazi lawo ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa, lonke elinye igazi lawo alithulule ngasesinqeni se-altare.


Umpristi wothabatha igazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa, lonke elinye igazi lawo alithulule ngasesinqeni se-altare.


Umpristi abhece igazi ezimpondweni ze-altare lempepho ethaphukayo phambi kukaJehova elisetendeni lokuhlangana; lonke elinye igazi lenkunzi wolithulula ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa elingasemnyango wetende lokuhlangana.


afafaze uhlangothi lwe-altare ngegazi lomnikelo wesono, igazi eliseleyo likhanyelwe ngasesinqeni se-altare; kungumnikelo wesono.


UMose wathatha amafutha okugcoba, waligcoba itabernakele* nakho konke okuphakathi kwalo, wakungcwelisa.


Wayeseyihlaba; uMose wathatha igazi, walibheca ezimpondweni ze-altare nxazonke ngomunwe wakhe, waliphothula i-altare, walithulula igazi ngasesinqeni se-altare, walingcwelisa ukuba alenzele ukubuyisana.


Amadodana ka-Aroni aletha igazi kuye; wagcobhoza umunwe egazini, walibheca ezimpondweni ze-altare, wathulula elinye igazi ngasesinqeni se-altare;


Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.


Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe nokukhona konke ngaye, ukuba, lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko yena oyinkosi yokusindiswa kwabo.


Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ