Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 4:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Iyakubeka isandla sayo enhloko yembuzi, iyihlabele endaweni lapho behlabela khona iminikelo yokushiswa phambi kukaJehova; kungumnikelo wesono.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Uyakubeka isandla sakhe phezu kwenhloko yesiphongwane; sihlatshelwe lapho kuhlatshelwa khona iminikelo yokushiswa phambi kukaSimakade, singumnikelo wesono.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Uyakubeka isandla sakhe enhloko yembuzi, ayihlabe endaweni lapho behlabela khona umnikelo wokushiswa phambi kukaJehova; kungumnikelo wesono.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 4:24
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Imali yeminikelo yamacala, nemali yeminikelo yezono yayingangeniswa endlini kaJehova, yayingeyabapristi.


Base besondeza izimpongo ngenxa yomnikelo wesono phambi kwenkosi nebandla; babeka izandla zabo phezu kwazo;


“Yilokhu oyakunikela ngakho e-altare: amawundlu amabili anomnyaka munye imihla ngemihla njalo.


Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe; uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.


Alihlabe ngasohlangothini lwe-altare olungasenyakatho phambi kukaJehova; amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze i-altare ngegazi lalo nxazonke.


Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa; uyakwamukelwa ngenxa yakhe, umenzele ukubuyisana.


Wolihlaba iduna phambi kukaJehova, amadodana ka-Aroni, abapristi, alethe igazi, afafaze ngegazi nxazonke ze-altare elingasemnyango wetende lokuhlangana.


uyakuhlaba imvu yeduna endaweni lapho kuhlatshwa khona umnikelo wesono nomnikelo wokushiswa, indawo engcwele, ngokuba umnikelo wecala ungowompristi njengomnikelo wesono; ungcwelengcwele.


Abesehlaba impongo yomnikelo wesono engenxa yabantu, alethe igazi layo ngaphakathi kwesihenqo, enze ngegazi layo njengalokho wenza ngegazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa nangaphambi kwesihlalo somusa,


abeke isandla sakhe enhloko yayo, ayihlabe ngaphambi kwetende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni afafaze i-altare nxazonke ngegazi layo.


Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe, awuhlabe ngasemnyango wetende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze i-altare nxazonke ngegazi.


abeke isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe, awuhlabe ngaphambi kwetende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni afafaze i-altare nxazonke ngegazi lawo.


Bonke abesilisa phakathi kwabantwana baka-Aroni bayakukudla kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu seminikelo yomlilo kaJehova; konke okukuthintayo kuyakuba ngcwele.’ ”


Umpristi ogcotshiweyo esikhundleni sakhe phakathi kwamadodana akhe wonikela ngawo, kube yisimiso esiphakade; woshiswa wonke.


“Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe, uthi: ‘Nanku umthetho weminikelo yesono; endaweni ohlatshelwe kuyo umnikelo wokushiswa, mawuhlatshelwe khona umnikelo wesono phambi kukaJehova; ungcwelengcwele.


Endaweni abahlabela kuyo umnikelo wokushiswa, bayakuwuhlabela khona umnikelo wecala, kufafazwe i-altare nxazonke ngegazi lawo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ