Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 4:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “ ‘Nxa kona induna, yenza kungengamabomu noma yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova uNkulunkulu wayo ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, ize ibe necala,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 “ ‘Uma kona umholi ngokungenhloso, wephula omunye wale miyalo uSimakade uNkulunkulu wakhe ayale ngayo ukuba ingenziwa, aze azilethele icala,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Uma isikhulu sona, senza ngokungazi ngokuphambene nanoma yimuphi wemiyalo kaJehova uNkulunkulu waso ngokungafanele ukwenziwa, sibe necala;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 4:22
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yilonde inceku yakho nasezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngiyakube ngiphelele, ngingabe ngisaba necala eziphambekweni ezinkulu.


Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile, uwabeke phezu kwabo, abe yizinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.


Ungavumeli umlomo wakho ukuba wonise inyama yakho, futhi ungasho phambi kwesithunywa sikaNkulunkulu ukuthi kuyiphutha; yini ukuba uNkulunkulu athukuthelele izwi lakho, achithe umsebenzi wezandla zakho, na?


“ ‘Uma-ke yonke inhlangano yakwa-Israyeli iduka, leyo nto isitheke emehlweni ebandla, benza noma yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, baze babe necala,


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona kungengamabomu kuyo imiyalo uJehova ayale ngayo ukuthi akunakwenziwa akwenze noma yikuphi,


“ ‘Uma kona umuntukazana, enza kungengamabomu noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, aze abe necala,


“Uma umuntu ona, enza noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, noma ebengakwazi, unecala nokho, futhi wothwala ububi bakhe.


“ ‘Nxa niduka ningagcini yonke le miyalo uJehova ayikhulumile kuMose,


kuyakuthi uma kwenziwe kungengamabomu, futhi kungesemehlweni enhlangano, inhlangano yonke inikele ngeduna libe ngumnikelo wokushiswa wephunga elimnandi kuJehova kanye nomnikelo wayo wempuphu, nomnikelo wayo wokuphuzwa ngokomthetho, nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono.


bamvukela uMose benabathile babantwana bakwa-Israyeli, abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, izikhulu zenhlangano, amanxusa ebandla, amadoda adumileyo;


OMose, no-Eleyazare umpristi, nazo zonke izikhulu zenhlangano baphuma ukubahlangabeza ngaphandle kwekamu.*


abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni beza bakhuluma kuMose, naku-Eleyazare umpristi, nakuzo izikhulu zenhlangano, bathi:


niyakumisela imizi ibe yimizi yokuphephela ukuba umbulali obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ