Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 4:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona kungengamabomu kuyo imiyalo uJehova ayale ngayo ukuthi akunakwenziwa akwenze noma yikuphi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona engahlosile, ephule imiyalo kaSimakade ngezinto okungafanele zenziwe, yena aphikelele azenze,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi: Uba umuntu wona ngokungazi emithetho ye Nkosi engayikwenziwa, enze komunye wayo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 4:2
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abimeleki wayesembiza u-Abrahama, wathi kuye: “Wenzeni kithi na? Ngoneni kuwe ukuba ungilethele mina nombuso wami icala elingaka na? Wenze kimi okungafanele ukwenziwa.”


Ngubani owazi iziphosiso zakhe na? Ngithethelele kwezisithekileyo.


Yilonde inceku yakho nasezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngiyakube ngiphelele, ngingabe ngisaba necala eziphambekweni ezinkulu.


Ungavumeli umlomo wakho ukuba wonise inyama yakho, futhi ungasho phambi kwesithunywa sikaNkulunkulu ukuthi kuyiphutha; yini ukuba uNkulunkulu athukuthelele izwi lakho, achithe umsebenzi wezandla zakho, na?


“ ‘Uma umuntu edla okungcwele engazi, wothasisela okwesihlanu kwakho, amnike umpristi okungcwele.


“ ‘Uma-ke yonke inhlangano yakwa-Israyeli iduka, leyo nto isitheke emehlweni ebandla, benza noma yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, baze babe necala,


“ ‘Nxa kona induna, yenza kungengamabomu noma yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova uNkulunkulu wayo ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, ize ibe necala,


“ ‘Uma kona umuntukazana, enza kungengamabomu noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, aze abe necala,


niyakumisela imizi ibe yimizi yokuphephela ukuba umbulali obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona.


“Nansi indaba yombulali oyakubalekela khona aze aphile: yilowo nalowo obulala umakhelwane wakhe kungengamabomu, ebekade engamzondi,


noma kade ngingohlambalazayo, nozingelayo, nohluphayo; kodwa ngahawukelwa ngokuba ngakwenza ngokungazi, ngokungakholwa.


angabekezelela abangazi lutho nabadukayo, lokhu naye uzungeziwe ngubuthakathaka;


kodwa kwelesibili kungena umpristi omkhulu yedwa kanye ngomnyaka, kungengaphandle kwegazi anikela ngalo ngenxa yakhe uqobo nangenxa yezono zabantu,


emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo.


Kepha uJonathani akezwanga lapho uyise efungisa abantu; ngalokho welula isihloko senduku esesandleni sakhe, wasicwilisa ezinyosini, wabeka isandla emlonyeni; ayeseqabuka amehlo akhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ