Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 3:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Amadodana ka-Aroni ayakukushisa e-altare phezu komnikelo wokushiswa ophezu kwezinkuni ezisemlilweni, kube ngumnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Amadodana ka-Aroni ayokushisa konke lokhu kube nentuthu e-althare, nomnikelo wokushiswa ophezu kwezinkuni, kube ngumnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Amadodana ka-Aroni ayakukushisa e-altare phezu komnikelo wokushiswa ophezu kwezinkuni ezisemlilweni; kungumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 3:5
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalona lolo suku inkosi yangcwelisa ingaphakathi legceke elalingaphambi kwendlu kaJehova, ngokuba wanikela lapho ngomnikelo wokushiswa, nangomnikelo wempuphu, nangamanoni eminikelo yokuthula, lokhu i-altare lethusi elaliphambi kukaJehova lalilincane ukuba liwamukele umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni eminikelo yokuthula.


Ngasemuva azilungiselela wona nabapristi, ngokuba abapristi, amadodana ka-Aroni, babesekunikeleni iminikelo namanoni kwaze kwaba sebusuku; ngalokho amaLevi azilungiselela wona nabapristi, amadodana ka-Aroni.


Uyakuthabatha wonke umhlehlo osibekela izibilini, namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni akuzo, ukushise e-altare.


“ ‘Kepha abapristi bamaLevi, amadodana kaSadoki, ababegcina inkonzo yendlu yami engcwele lapho abantwana bakwa-Israyeli beduka kimi, bayakusondela kimi, bangikhonze, beme phambi kwami, banikele kimi ngamanoni nangegazi, isho iNkosi uJehova;


lokhu ningenisile abezizwe abangasokile ngenhliziyo nabangasokile ngenyama ukuba babe sendlini yami engcwele, bayingcolise indlu yami, lapho ninikela ngesinkwa sami, nangamanoni, nangegazi, naphula isivumelwano sami ngazo zonke izinengiso zenu.


ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi anikele ngakho konke, akushise e-altare kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


awuqaqe ngamaphiko awo, angawudabuli kodwa; umpristi awushise e-altare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, ube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi akushise konke e-altare, kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


Umpristi uyakukushisa e-altare; kungukudla komnikelo womlilo kuJehova.


nezinso zombili namanoni akuzo angasezinkalweni, namanoni aphezu kwesibindi, ewasusa ngasezinsweni.


Onke amanoni awo uyakuwasusa, njengalokhu amanoni esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula, umpristi awashise e-altare abe yiphunga elimnandi kuJehova, umpristi amenzele ukubuyisana, aze athethelelwe.


Onke amanoni awo uyakuwasusa, njengalokhu amanoni emvu esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula, umpristi awashise e-altare phezu kweminikelo yomlilo kaJehova, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, aze athethelelwe.


Umlilo ophezu kwe-altare uyakuhlala kulo uvutha njalo, ungacimi; umpristi uyakubasa izinkuni kulo ekuseni njalo, ahlele kulo umnikelo wokushiswa, ashise kulo amanoni eminikelo yokuthula.


Wayeseletha umnikelo wempuphu, wagcwalisa isandla sakhe ngawo, wawushisa e-altare ngaphandle komnikelo wokushiswa wasekuseni.


“ ‘Nxa ulungisa iduna libe ngumnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso, noma kube yiminikelo yokuthula kuJehova,


“Kepha izibulo lenkomo, noma izibulo lemvu, noma izibulo lembuzi, awuyikulihlenga, lingcwele; uyakufafaza i-altare ngegazi lazo, ushise amanoni azo abe ngumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.


kanye nokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo ibe ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha ngaleyo naleyo nkunzi, kanye nokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha ngenqama inye,


Wothi kubo: ‘Lo ungumnikelo womlilo eniyakunikela ngawo kuJehova: izimvu zamaduna ezinomnyaka munye ezingenasici, zibe zimbili njalo ngosuku, zibe ngumnikelo oshiswa imihla yonke.


nakhiwe njengamatshe aphilileyo, nibe yindlu yokomoya, ubupristi obungcwele, ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngaye uJesu Kristu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ