Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 3:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “ ‘Kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke zokuba ningadli amanoni nagazi.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 “ ‘Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindaweni enihlala kuzo sokuthi aniyukuwadla amanoni negazi.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu kuzo zonke izindawo zenu zokuhlala, ukuthi ningadli amanoni nagazi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 3:17
42 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Kepha inyama okukuyo umphefumulo wayo, okungukuthi igazi layo, aniyikuyidla.


Neminikelo yokushiswa yayiminingi kanye namanoni eminikelo yokuthula neminikelo yokuphuzwa yeminikelo yokushiswa. Yayisihleliwe inkonzo yendlu kaJehova.


Wayesethi kubo: “Hambani nidle okunonileyo, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselwanga lutho, ngokuba lolu suku lungcwele kuJehova; ningadabuki, ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu.”


Etendeni lokuhlangana ngaphandle kwesihenqo esiphambi kobufakazi u-Aroni namadodana akhe bayakuziphatha kwasekuhlweni kuze kuse phambi kukaJehova; kuyakuba yisimiso sabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade ezizukulwaneni zabo.


u-Aroni namadodana akhe bawafake, nxa bengena etendeni lokuhlangana, nanxa besondela e-altare ukuyokhonza endaweni engcwele, ukuba bangathwali ububi, bafe; kuyakuba yisimiso kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe kuze kube phakade.


Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nidla okunegazi, niphakamisa amehlo enu ezithombeni zenu, nichitha igazi. Pho, niyakudla ifa lezwe na?


“ ‘Kepha abapristi bamaLevi, amadodana kaSadoki, ababegcina inkonzo yendlu yami engcwele lapho abantwana bakwa-Israyeli beduka kimi, bayakusondela kimi, bangikhonze, beme phambi kwami, banikele kimi ngamanoni nangegazi, isho iNkosi uJehova;


lokhu ningenisile abezizwe abangasokile ngenhliziyo nabangasokile ngenyama ukuba babe sendlini yami engcwele, bayingcolise indlu yami, lapho ninikela ngesinkwa sami, nangamanoni, nangegazi, naphula isivumelwano sami ngazo zonke izinengiso zenu.


Mabalethe umlenze wokuphakanyiswa nesifuba sokuzuliswa kanye neminikelo yomlilo yamanoni ukuba bakuzulise, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova, kube ngokwakho nokwamadodana akho kanye nawe, kube yimfanelo ephakade, njengalokho uJehova eyalile.”


“Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, wena namadodana akho kanye nawe, nxa ningena etendeni lokuhlangana, ukuba ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.


Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kini: ngenyanga yesikhombisa ngolweshumi lwenyanga niyakuthobisa imiphefumulo yenu, ningasebenzi msebenzi, owokuzalwa ekhaya nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu.


Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana ngenxa yezono zabo zonke kanye ngomnyaka. Wenza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose.


Abasayikuhlabela amademoni imihlatshelo yabo abaye kuwo ukuphinga. Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kubo ezizukulwaneni zabo.’


“ ‘Aniyikudla lutho olunegazi, ningenzi imilingo, ningahloli imihlola.


Aniyikudla isinkwa notshwele nezikhwebu ezintsha, kuze kufike lolo suku, ningakalethi umnikelo kaNkulunkulu wenu; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke.


Niyakumemezela ngalolo suku, nibe nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kuyisimiso esiphakade ezindlini zenu zonke ezizukulwaneni zenu.


Ngaphandle kwesihenqo sobufakazi etendeni lokuhlangana u-Aroni uyakuzilungisa njalo phambi kukaJehova, aqale kusihlwa kuze kuse; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu,


Ziyakuba ngezika-Aroni nezamadodana akhe, bazidlele endaweni engcwele, ngokuba zingcwelengcwele, zingezakhe phakathi kweminikelo yomlilo kaJehova ngesimiso esiphakade.”


Umpristi uyakukushisa e-altare; kungukudla komnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi; onke amanoni angakaJehova.


Makucashunwe kuwo ngokhweshe impuphu ecolekileyo yomnikelo wempuphu namafutha awo, nayo yonke inhlaka ephezu komnikelo wempuphu, akushise e-altare kube yisikhumbuzo sawo, kube yiphunga elimnandi kuJehova.


Bonke abesilisa phakathi kwabantwana baka-Aroni bayakukudla kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu seminikelo yomlilo kaJehova; konke okukuthintayo kuyakuba ngcwele.’ ”


Umpristi ogcotshiweyo esikhundleni sakhe phakathi kwamadodana akhe wonikela ngawo, kube yisimiso esiphakade; woshiswa wonke.


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Aniyikudla manoni enkomo, nawemvu, nawembuzi.


Ngokuba isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa ngikuthabathe kwabakwa-Israyeli emihlatshelweni yeminikelo yabo yokuthula, ngakunika u-Aroni umpristi namadodana akhe, kube yisimiso esiphakade kwabakwa-Israyeli.’ ”


ayala ngakho uJehova ukuba bakuphiwe ngabantwana bakwa-Israyeli mhla ebagcoba, kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zabo.


Kuyakuba yisimiso esiphakade kubo; ofafaza amanzi okuphothula uyakuhlanza izingubo zakhe, nothinta amanzi okuphothula uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.


Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.


ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.


zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kulezo zinto, noba nenza kahle. Salani kahle.


esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe


ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi,


Kuphela igazi aniyikulidla; uyakulithulula emhlabeni njengamanzi.


Qaphela kuphela ukuba ungalidli igazi, ngokuba igazi lingumphefumulo; awuyikuwudla umphefumulo kanye nenyama.


Kuphela igazi lalo awuyikulidla; lithululele emhlabathini njengamanzi.


namangqanga ezinkomo, nobisi lwezimvu, namafutha amawundlu, nezinqama zohlobo lwaseBashani, nezimbuzi, namanoni omongo kakolweni; egazini lezithelo zomvini waphuza iwayini.


Ngokuba konke okudalwe nguNkulunkulu kuhle; akulahlwa lutho, uma kwamukelwa ngokubonga,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ