Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 27:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ukulinganisa kwakho owesilisa, kusukela koneminyaka engamashumi amabili kuze kube koneminyaka engamashumi ayisithupha, kuyakuba ngamashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 isilinganiso ngowesilisa siyakuba: kusukela eminyakeni engama-20 kuya kwengama-60 siyakuba ngamashekeli esiliva angama-50 ngokwesilinganiso seshekeli lasendaweni engcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ukulinganisa kwakho owesilisa kuyakuba kusukela koneminyaka engamashumi amabili kuya koneminyaka engamashumi ayisithupha, ukulinganisa kwakho kuyakuba ngamashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 27:3
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehowashi wathi kubapristi: “Lonke isiliva lezinto ezingcwele elingeniswa endlini kaJehova, imali eyamukelekayo, imali yilowo nalowo muntu alinganiselwe yona, nemali yonke okuvela enhliziyweni yomuntu ukuba ayilethe endlini kaJehova,


Lokhu bayakukuthela, kube yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo: inxenye yeshekeli* ngokweshekeli lendlu engcwele ishekeli lingamagera* angamashumi amabili inxenye yeshekeli ibe ngumnikelo kuJehova.


Lonke igolide okwasetshenzwa ngalo, wonke umsebenzi wendlu engcwele, igolide lomnikelo lalingamatalenta* angamashumi amabili nesishiyagalolunye namashekeli* angamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu ngokweshekeli lendlu engcwele.


“ ‘Nxa umuntu eyakungcwelisa indlu yakhe ibe ngcwele kuJehova, umpristi uyakuyilinganisa uma inhle noma imbi; njengalokhu umpristi eyilinganisa, kuyakuba njalo.


Konke ukulinganisa kwakho kuyakuba ngokweshekeli* lendlu engcwele; amagera* angamashumi amabili ayakuba yishekeli.


Uma kungowesifazane, ukulinganisa kwakho kuyakuba ngamashekeli* angamashumi amathathu.


“Uma umuntu esenza isiphambeko, one kungengamabomu ezintweni ezingcwele zikaJehova, woletha kuJehova umnikelo wakhe wecala, inqama yasemhlambini engenasici njengokulinganisa kwakho namashekeli* esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele, ibe ngumnikelo wecala,


Woletha umnikelo wakhe wecala kuJehova, inqama engenasici yasemhlambini ngokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala, iyiswe kumpristi,


Okuhlengwayo kuyakuhlengwa kusukela kokunenyanga ngokulinganisa kwakho ngemali yamashekeli* ayisihlanu ngokweshekeli lendlu engcwele elingamagera* angamashumi amabili.


uyakuthabatha amashekeli* ayisihlanu ngamunye ngenhloko; ngokweshekeli lendlu engcwele uyakuwathabatha ishekeli lingamagera* angamashumi amabili;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ