Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 26:44 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 Kepha uma kunjalo, sebekhona ezweni lezitha zabo, angiyikubalahla, nginganengwa yibo, ukuze ngibaqothule, ngisaphule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

44 Kepha nalapho besesezweni lezitha zabo angiyukubalahla, angiyukunengwa yibo ukuba ngingaze ngibaqothule, ngephule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguSimakade uNkulunkulu wabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

44 Kepha nokho, uma besezweni lezitha zabo, angiyikubalahla, angiyikunengwa ngabo, ngokubashaya ngesiqalekiso, ngaphule isivumelwano sami nabo; ngoba nginguJehova uNkulunkulu wabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 26:44
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu akasilahlanga isizwe sakhe ayesazi ngaphambili. Kumbe anazi yini ukuthi umbhalo uthini ngo-Eliya ukuba umangalela u-Israyeli kuNkulunkulu ngokuthi:


Nokho ngomusa wakho omkhulu awubaqothulanga, awubashiyanga, ngokuba unguNkulunkulu onomusa nobumnene.


Ngokuba uJehova akayikulahla abantu bakhe, nefa lakhe akayikulishiya.


Kodwa uJehova wayenomusa kubo, wayenesihe kubo, wabanakekela ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abrahama no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubachitha, futhi wayengakabalahli ebusweni bakhe.


kanjalo u-Israyeli wonke uyakusindiswa, njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Kuyakuvela eSiyoni uMhlangulisi, asuse ukungalungi kuJakobe.


Kepha mina ngiyakusikhumbula isivumelwano sami nawe ebusheni bakho, ngikumisele isivumelwano esiphakade.


ngiyakulahla inzalo kaJakobe nekaDavide inceku yami, ukuze ngingathathi enzalweni yakhe ababusi benzalo ka-Abrahama, neka-Isaka, nekaJakobe, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, ngibahawukele.’ ”


Ngokuba mina nginawe,’ usho uJehova, ‘ukuba ngikusindise, ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyo zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, kepha wena angiyikukuqeda, kodwa ngiyakukulaya ngokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala.’


Ungasideleli ngenxa yegama lakho, ungaseyisi isihlalo sobukhosi sodumo lwakho; sikhumbule, ungasaphuli isivumelwano sakho nathi.


Kepha umusa wami angiyikuwususa kuye, ngingaphikisi ukuthembeka kwami.


Ngiyakubeka itabernakele* lami phakathi kwenu, umphefumulo wami awuyikunengwa yinina.


Ingelosi kaJehova yakhuphuka eGiligali, yaya eBokimi. Yathi: “Nganikhuphula eGibithe, nginilethile ezweni engalifungela oyihlo; ngathi: ‘Angisoze ngaphula kuze kube phakade isivumelwano sami nani,


Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe, nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo, sibe yisivumelwano esiphakade, ngibe nguNkulunkulu wakho nowenzalo yakho emva kwakho.


benqaba ukulalela, abakhumbulanga izimangaliso zakho owazenza phakathi kwabo, kepha benza lukhuni izintamo zabo, nangokuhlubuka kwabo bamisa induna ukuba babuyele ebugqileni babo; kodwa wena unguNkulunkulu othethelelayo, onomusa nesihe; wephuza ukuthukuthela, ugcwele isihawu; kawubashiyanga.


Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.


“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalawa makhiwane amahle ngiyakubheka kanjalo abathunjiweyo bakwaJuda, engibamukisile kule ndawo baya ezweni lamaKaledi, kube kuhle.


U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi, ungumntwana othandekayo na? Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye, ngisamkhumbula nokumkhumbula; ngalokho izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba nesihe impela kuye,” usho uJehova.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ