Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 26:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Ngiyakulenza izwe libe yincithakalo; izitha zenu ezihlala kulo ziyakumangala ngakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

32 Ngiyakulenza izwe libe yincithakalo; izitha zenu ezihlala kulo ziyakumangala ngalokhu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Ngiyokwenza izwe libe yincithakalo, futhi izitha zenu ezihlala kulo ziyomangala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 26:32
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Noma le ndlu iphakeme kangaka, bonke abadlula kuyo bayakumangala, banximfe, bathi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?’


Bheka, uJehova wenza ize umhlaba, awuchithe, agumbuqele ubuso bawo, ahlakaze abakhileyo kuwo.


Ngiyakusenza sibe yincithakalo; asiyikuthenwa, asiyikulinywa, kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva; futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”


UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami: “Impela izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo, nezinkulu nezinhle zingabi namuntu ohlala kuzo.


Ngase ngithi: “Nkosi, koze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, nezindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba uchitheke ube yize,


Imizi yakho engcwele iphendukile ihlane; iSiyoni liphendukile ihlane, neJerusalema liyincithakalo.


Basenze incithakalo; siyincithakalo, sikhala kimi; izwe lonke lichithiwe, kepha akakho okubeka enhliziyweni.


benze izwe labo libe yisimangaliso nento encimfelwayo njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.


Ngiyakwenza lo muzi ukuba ube yisimangaliso nento encimfelwayo; bonke abadlula khona bayakumangala, bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.


Izwe lonke leli liyakuba yincithakalo nesimangaliso, nalezi zizwe ziyakuyikhonza inkosi yaseBabele iminyaka engamashumi ayisikhombisa.


iJerusalema nemizi yakwaJuda, namakhosi alo, nezikhulu zalo, ukuba ngikwenze kube yincithakalo, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nesiqalekiso njenganamuhla;


Uwushiyile umphandu wakhe njengengonyama, ngokuba izwe labo seliyincithakalo ngenxa yokufutheka kwenkemba ecindezelayo nangenxa yokufutheka kolaka lwalo.


“Usho kanje uJehova, uthi: ‘Kuyakubuye kuzwakale kule ndawo enithi ngayo ichithekile, ayinamuntu nazilwane, nasemizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema ezichithekileyo ezingenamuntu nazilwane,


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Nikubonile konke okubi engikwehlisele phezu kweJerusalema naphezu kwayo yonke imizi yakwaJuda; bhekani, namuhla iyincithakalo, akakho ohlala kuyo


UJehova wayengasenakuthwala okubi kwemisebenzi yenu nezinengiso zenu enizenzileyo; ngalokho izwe lakini seliyincithakalo, nesimangaliso, nesiqalekiso, kungekho owakhile kulo njenganamuhla.


“Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwaba nekhaya lamakhanka, ngenze imizi yakwaJuda incithakalo, lapho kungahlali muntu khona.”


Amakhosi omhlaba ayengakholwa kanye nabo bonke abakhileyo ezweni ukuthi abamelene nabo nezitha zabo babeyakungena emasangweni aseJerusalema.


ngenxa yentaba yaseSiyoni echithekile, zize zihambe kuyo izimpungushe.


Kuyakuba yihlazo, nesaga, nesifundiso, nesimangaliso kuzo izizwe ezikuhaqayo, lapho ngenza izahlulelo phakathi kwakho ngentukuthelo nangokufutheka nangezijeziso ezifuthayo. Mina Jehova ngikhulumile.


Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.


ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe mina Daniyeli ngaqonda ngezincwadi umumo weminyaka elakhuluma ngawo izwi likaJehova kuJeremiya umprofethi ukuba kupheleliswe ukuchithwa kweJerusalema, iminyaka engamashumi ayisikhombisa.


Noma umkhiwane ungakhahleli, kungabikho izithelo emvinini, umsebenzi womnqumo uphuthe, amasimu angavezi ukudla, izimvu zinqunywe esibayeni, kungabikho nkomo ezibayeni,


“Kepha nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo.


Uyakuba yisimangaliso, nesaga, nesifenqo phakathi kwezizwe zonke lapho uJehova eyakukuyisa khona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ