Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 26:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “ ‘Kepha uma ningalaleli, ningayenzi yonke le miyalo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 “ ‘Kepha uma ningangilaleli, ningayigcini yonke le miyalo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kepha uma ningangilaleli, ningenzi yonke le miyalo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 26:14
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabantu, naye wonke uJuda ngamazwi ale ncwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova esivuthelayo, ngokuba obaba abalalelanga amazwi ale ncwadi ukwenza njengakho konke okulotshiwe ngathi.”


‘Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, zonke iziqalekiso ezilotshiweyo encwadini abayifundileyo phambi kwenkosi yakwaJuda,


“Kepha uma nibuya, nishiye izimiso zami nemiyalo yami engikubeke phambi kwakho, nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,


Ngase ngibayeka enkanini yenhliziyo yabo ukuba bahambe ngokuthanda kwabo.


Isiqalekiso sikaJehova sisendlini yababi, kepha uyabusisa ikhaya labalungileyo.


Kepha abalalela, ababekanga izindlebe zabo, kepha bahamba, kwaba yilowo nalowo ngobulukhuni benhliziyo yakhe embi; ngase ngehlisela phezu kwabo onke amazwi alesi sivumelwano engabayala ukuwenza, kepha kabawenzanga.’ ”


Kepha uma ningalaleli ukuba nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo lapho ningena ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacinywa.’ ”


Uyakuthi kubo: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uma ningangilaleli ukuba nihambe emthethweni wami engiwubeke phambi kobuso benu,


Abaprofethi ababengaphambi kwami nangaphambi kwakho kusukela endulo baprofetha ngamazwe amaningi nangemibuso eminingi, ngezimpi, nangokubi, nangesifo.


bangena balidla, kepha kabalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho, abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele konke lokhu okubi.


Induna yabalindi yamthatha uJeremiya, yathi kuye: “UJehova uNkulunkulu wakho wakhuluma lokhu okubi kule ndawo;


“UJehova ulungile, ngokuba ngihlubukile izwi lakhe. Ake nizwe, bantu bonke, nibone ubuhlungu bami. Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.


UJehova wenzile lokhu abekucebile; uligcwalisile izwi lakhe, ayeyale ngalo ezinsukwini zasendulo; ubhidlizile engenasihawu, wenza ukuba isitha sithokoze phezu kwakho, waphakamisa uphondo lwabamelene nawe.


Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kusehlele, nokho asincenganga ebusweni bukaJehova uNkulunkulu wethu ukuba siphenduke ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho.


Lapho sebehamba, ngiyabenekela inetha lami, ngibehlise njengezinyoni zezulu, ngibajezise njengokuzwakeleyo ebandleni labo.


“ ‘Kepha uma ningangilaleli nangalezo zinto, ngiyakubuye nginishaye kasikhombisa ngezono zenu.


Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.


Kuyakuthi wonke umuntu ongayikumlalela lowo mprofethi uyakuchithwa kubantu.’


Bhekani, ningamali okhulumayo; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni, kakhulu asiyikuphunyuka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini,


Kuyakuthi njengalokho zonke izinto ezinhle zenziwe kini akhuluma ngazo uJehova uNkulunkulu wenu kini, kanjalo uJehova ehlisele phezu kwenu zonke izinto ezimbi, aze anibhubhise kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona.


Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo sibenzela okubi njengokukhuluma kukaJehova nanjengokufunga kukaJehova kubo; bantula kakhulu.


kepha uma ningalaleli izwi likaJehova, nihlubuke esiyalezweni sikaJehova, khona isandla sikaJehova siyakumelana nani, njengalokho samelana nawoyihlo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ