Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 26:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngaphulile izikeyi* zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe niluleme.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 NginguSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngephulile izikeyi zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe nikhululekile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibhithe ukuze ningabi yizigqila zabo; ngagqabula izibopho zejoka lenu ngakwenza ukuma uqonde.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 26:13
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyinceku yakho impela, Jehova; ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho; uthukululile izintambo zami.


UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe; waxosha abakwa-Israyeli; ngokuba abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakamileyo.


“NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe.


Ngiyakusibeka esandleni sabakuhluphayo, abashoyo emphefumulweni wakho ukuthi: ‘Khothama, sidlule phezu kwakho;’ wawusuwubeka umhlane wakho waba njengomhlabathi nesitaladi kwabadlulayo.”


Uyakwandisa isizwe, ukhulise intokozo yaso; bathokoza phambi kwakho njengokuthokoza ekuvuneni, njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango.


“Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo, wazigqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyikukhonza.’ Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza walala njengesifebe.


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngilaphulile ijoka lenkosi yaseBabele.


ngibuyisele kule ndawo futhi uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nabo bonke abathunjwa bakwaJuda abaya eBabele,’ usho uJehova, ‘ngokuba ngiyakulaphula ijoka lenkosi yaseBabele.’ ”


EThehafenehesi usuku luyakuba mnyama, lapho ngaphula khona amajoka aseGibithe, nokukhukhumala kwamandla kuyakuphela kulo; lona-ke, ifu liyakulisibekela, namadodakazi alo ayakuya ekuthunjweni.


Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uthele ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo, zazi ukuthi nginguJehova, lapho sengaphulile izikeyi* zejoka lazo, ngazophula esandleni salabo ezenziwa izikhonzi yibo.


Ngabadonsa ngezintambo zomuntu, ngamagoda othando; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngagobela kubo, ngabanika ukudla.


NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuninika izwe laseKhanani, ngibe nguNkulunkulu wenu.


Ngokuba bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; akuyikuthengiswa ngazo zibe yizigqila.


Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bayizinceku kimi; bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Sengiyakulaphula ijoka eliphezu kwakho, ngigqabule izibopho zakho.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ