Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 23:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “ ‘Nansi imikhosi emisiweyo kaJehova, imihlangano engcwele eniyakuyimemezela ngezikhathi zayo ezimisiweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 “ ‘Nansi-ke imikhosi emisiweyo kaSimakade, imihlangano engcwele eniyoyimemezela kubo ngezikhathi ezimisiweyo:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Lena imikhosi kaJehova, imibuthano engcwele, eniyakuyimemezela ngesikhathi esifanele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 23:4
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

bezwakalise, bathumele izwi emizini yabo yonke naseJerusalema lokuthi: “Phumani, niye entabeni, nilande amagatsha omnqumo, namagatsha omnqumo wasendle, namagatsha ombomvana, namagatsha esundu, namagatsha emithi edumbileyo, nenze amadokodo njengokulotshiweyo.”


“ ‘Lolo suku luyakuba yisikhumbuzo kini, nilugcine lube ngumkhosi kaJehova; anolugcina izizukulwane ngezizukulwane ngokomthetho waphakade.


Wo kuwe Ariyeli,* Ariyeli, umuzi lapho amisa khona uDavide. Yengezelani umnyaka emnyakeni, imikhosi iyingilize,


“ ‘Ekuphikisaneni bayakuma ukwahlulela, bakwahlulele njengezahlulelo zami, bagcine imithetho yami nezimiso zami emikhosini yonke yami, balingcwelise isabatha lami.


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Imikhosi emisiweyo kaJehova eniyakuyimemezela ibe yimihlangano engcwele, yona iyimikhosi yami emisiweyo.


Niyakumemezela ngalolo suku, nibe nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kuyisimiso esiphakade ezindlini zenu zonke ezizukulwaneni zenu.


“ ‘Le iyimikhosi emisiweyo kaJehova eniyakuyimemezela ibe yimihlangano engcwele ukunikela ngomnikelo womlilo kuJehova, umnikelo wokushiswa nomnikelo wempuphu, umhlatshelo neminikelo yokuphuzwa, kube yilowo nalowo ngosuku lwawo,


Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho, Juda, ugcwalise izithembiso zakho, ngokuba omubi akasayikudabula kuwe; unqunyiwe ngokupheleleyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ