Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 22:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “ ‘Yilowo nalowo wenzalo ka-Aroni onochoko noma ocucuzayo akayikudla izinto ezingcwele aze ahlambuluke. Nalowo othinta okungcolile ngabafileyo, noma umuntu oshaywa yizibuko,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 “ ‘Yilowo nalowo wozalo luka-Aroni onochoko noma omfimfayo akayukuzidla izinto ezingcwele aze ahlambuluke, nalowo othinta okungcoliswe yisidumbu, noma ngumuntu oshaywe yizibuko,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bonke benzalo ka-Aroni banochoko noma ocucuzayo; angadli izinto ezingcwele aze ahlambuluke. “ ‘Yilowo nalowo othinta into engcolileyo ngofileyo, noma umuntu ophuma kuye imbewu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 22:4
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“ ‘Uma kufa isilwane esidliwayo, othinta isidumbu saso uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.


Zonke izingubo nazo zonke izikhumba elikuzo izibuko lakhe ziyakuhlanzwa ngamanzi, zibe ngezingcolile kuze kuhlwe.


Okuseleyo komnikelo wempuphu kuyakuba ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe; kungcwelengcwele eminikelweni yomlilo kaJehova.


okuseleyo komnikelo wempuphu kuyakuba ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe; kungcwelengcwele eminikelweni yomlilo kaJehova.


UJehova wathi kuMose: “Khuluma kubapristi, amadodana ka-Aroni, uthi kubo: ‘Makungabikho ozingcolisayo ngofileyo phakathi kwabantu bakubo,


Uyakudla isinkwa sikaNkulunkulu wakhe, esingcwelengcwele nesingcwele.


Wayesethi uHagayi: “Uma ongcolile ngesidumbu ethinta noma yikuphi kulokhu, kuyakungcola na?” Abapristi baphendula bathi: “Kuyakungcola.”


Yonke iminikelo yezinto ezingcwele abantwana bakwa-Israyeli abanikela ngayo ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe yimfanelo ephakade; kuyisivumelwano sikasawoti kuze kube phakade ngaphambi kukaJehova kuwena nakuyo inzalo yakho kanye nawe.”


Lokhu kuyakuba ngokwakho ezintweni ezingcwelengcwele ezisale emlilweni: yonke iminikelo yabo, yonke iminikelo yabo yempuphu, nayo yonke iminikelo yabo yesono, nayo yonke iminikelo yabo yecala abanikela ngayo kimi iyakuba ngcwelengcwele kuwe nakumadodana akho.


Kepha umuntu ongcolayo engaziphothuli, lowo muntu uyakunqunywa phakathi kwebandla, ngokuba ungcolisile indlu engcwele kaJehova; amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; ungcolile.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ