Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 22:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 bangabethwesi ububi obutholisa icala, lapho bedla izinto zabo ezingcwele; ngokuba nginguJehova obangcwelisayo.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 bazenze babe necala lokudla izinto ezingcwele; nginguSimakade obangcwelisayo.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Noma mabathwale ububi besiphambeko, uma bedla iminikelo yabo engcwele; ngokuba mina, iNkosi, ngiyabangcwelisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 22:16
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangisinda.


Uyakuba sebunzini lika-Aroni, u-Aroni athwale ububi bezinto ezingcwele, abantwana bakwa-Israyeli abayakuzingcwelisa, zibe yizipho zabo ezingcwele; uyakuba sebunzini lakhe njalo ukuba bamukeleke ebusweni bukaJehova.


“Anidlanga ngani umnikelo wesono endaweni yendlu engcwele, njengokuba ungcwelengcwele, futhi niphiwe wona ukuba nisuse ububi benhlangano, niyenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, na?


Anogcina izimiso zami, nizenze; nginguJehova oningcwelisayo.


Akayikuhlambalaza inzalo yakhe phakathi kwabantu bakhe; ngokuba nginguJehova oningcwelisayo.’ ”


Kuphela akayikungena kuso isihenqo, futhi angasondeli e-altare, ngokuba uyisilima, ukuze angahlambalazi izindlu zami ezingcwele, ngokuba nginguJehova obangcwelisayo.


Ngalokho uyakumngcwelisa, ngokuba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho; uyakuba ngcwele kuwe, ngokuba mina Jehova oningcwelisayo ngingcwele.


“ ‘Ngalokho abogcina isiyalezo sami, funa babe nesono ngaso, bafele kuso, uma besihlambalaza, nginguJehova obangcwelisayo.


Uma inyama yomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula idliwa ngosuku lwesithathu, ayiyikwamukeleka, ingabalelwa kuye owanikela ngayo; iyakunengeka, nomuntu oyidlayo uyakuthwala ububi bakhe.


UJehova wathi ku-Aroni: “Wena namadodana akho nendlu kayihlo kanye nawe niyakuthwala ububi bendlu engcwele; wena namadodana akho kanye nawe niyakuthwala ububi bobupristi benu.


Aniyikuthwala sono ngenxa yakho, lapho seniphakamisile okuhle kwakho, ningahlambalazi izinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli ukuba ningafi.’ ”


Ziwula, zimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu kunegolide nethempeli elingcwelisa igolide na?


yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ